IMEYA yaseKing Cetshwayo, uMnuz Sikhumbuzo Dlamini, ichaza ngomsebenzi ikakhulukazi othinta amanzi koMasipala abahlanu abangaphansi kwabo
Image: SIBONELO NGCOBO
BAZOTHI ncinci kamjoli abantu abakhele uMasipala wesifunda iKing Cetshwayo, njengoba iMeya uMnuz Sikhumbuzo Dlamini iveze ukuthi ezinye izindawo ezingaphansi kwabo kuzoshaya uKhisimusi amanzi esephuma.
UDlamini ongowokuzalwa eNkandla nowaba yiMeya yokuqala eNkandla, ukusho lokhu enenkulumo ekhethekile neSolezwe Ngempelasonto, njengoba ebehambele emahhovisi aleli phephandaba, ezoxoxa ngohambo lwakhe lokungena kwipolitiki athi lwaqala esawuthisha futhi eyikhansela nokwakuvumelekile eminyakeni edlule.
Uthe ngesikhathi bethatha uMasipala njenge-IFP, bazifica izingqinamba eziningi kodwa ngokungena kwabo baqhubeka nezinhlelo iqembu elaliphethe elase lizenzile.
"Amanzi thina siyazenzela, akukho la siwadonsa khona. Ukusebenzisa amadamu esinawo nkomasipala abangaphansi kwethu yikhona okwenze uhlelo lwamanzi lwenzeka noma bekungelula njengoba bekuba khona ukuphikisana phakathi kwethu nemiphakathi ngokuthi kumele senze kanjani uma kuza kulolu hlelo. Ngakho usizi ebesilwazi obelubhekene nemiphakathi. Ukusukumela indaba yamanzi bekumele sikwenze ngokushesha," kusho uDlamini.
Ngaphansi kwalo masipala wesifunda kukhona iNtambanana, uMhlathuze, uMfolozi, Nkandla noMlalazi.
Uthe eNkandla kukhona izindawo ezinkulu ezimbili abazakhile ukuze ziphakele amanzi emiphakathini, nabazozethula ngasekupheleni kwale nyanga.
"ENkandla kukhona izindawo ezineziphethu, eminye imiphakathi isathanda ukuzidlela lawo manzi, kodwa ngisho kunjalo sikwazile ukuthi sifake usizo lwamanzi, kodwa umphakathi wasinxusa ukuthi singazivali iziphethu zabo bazozisebenzisa. Nami ngavumelana nabo ngoba kwezinye izindawo yize amanzi bese siwafakile kodwa bengigcizelela ukuthi ompompi laba abagwedlwayo, bangalinge bakhishwe ngoba bayosiza uma kuqhuma amapayipi," kuchaza yena.
Uthe ohlelweni abayolwethula eNkandla ingu-4000 imizi ezokwazi ukuthola amanzi.
"Siyazi ukuthi abantu bayanda imihla namalanga emiphakathini, nokungagcina kwenza lolu hlelo selunganelisi umphakathi thina esiwuhlinzekele manje. Kodwa uma sakha izindawo zokugcina amanzi siyaqinisekisa ukuthi asenzi isibalo esilingana imizi ekhona siyasinyusa kancane senzele ukwanda kwabantu emakhaya nasemiphakathini esikuyona," kuchaza yena.
Uthe kuMasipala waseMthonjaneni naseMfolozi yizona zindawo abasasebenzisa khona amaloli kakhulu ngenxa yezindawo abasematasa ngazo, abasazakha.
"EMfolozi inkinga yakhona wukuthi amadamu abanawo, ngakho sike sacela ukuthi iJozini isisize kwangenzeka. Udaba lwamaloli khona lusagcwele kakhulu futhi nalo lunezinkinga zalo ezithinta abashayeli bamaloli abangafuni ukusebenza ngendlela esifisa ngayo abanye amanzi bawahambisa emphakathini ngendlela engagculisi," kuchaza yena.
Uthe njengoMasipala bamatasa manje balungisa udaba lwabasebenzi abangu-600 abamiswa emsebenzini kungena inkampani uMngeni Water, izosebenza ohlelweni lwabo lwamanzi.
Abanye balaba basebenzi uthe sebebuyelile basebenza njengoba sebezibambele emsebenzini wamanzi kungasekho nkampani ebasizayo lokho okuyinto ebibadla imali enkulu.
Related Topics: