USBU Buthelezi uthi ukhuza ibuya nezinhlelo ezintsha
Image: SIGCINIWE
OWAYEYISILOMO soKhozi FM, uSbu Buthelezi, uthe umatasatasa ulungiselela uhlelo olusha azolusakaza khona maduze. Ekhuluma ekhasini lakhe likaFacebook, uSbu (52) waseNquthu uthe lolu hlelo luzobe luyingxenye yohlelo alubiza ngeThe Return.
Kulolu hlelo uthe kukhona iThe Return Musical, iThe Return Spoken Word neThe Return Business Expo. Uthe uhlelo azobe esakaza kulo lungaphansi kweThe Return Spoken Word. USbu uthe okwamanje akazosho ukuthi lolu hlelo luzobe lusakazwa kuphi, yini engalindelwa kulo nokuthi luzoqala nini.
Akukhe phezulu wukuthi kulolu hlelo kuzozwakala abanye abethuli bezinkulumo ezakhayo abakhethekile ngenhloso yokukhuthaza umphakathi wasezindaweni abazozihambela. Ngaphansi kweThe Return Musical, uSbu uthe uzobe ecija amaciko abambe iqhaza emkhakheni womculo wokholo.
"Eminyakeni ewu-16 yokusakaza kwami, bengisakaza izinhlelo zomculo wokholo kusukela ngiqala kwiGagasi FM ngo-2007. Ngajoyina Ukhozi ngo-2008 kwaze kwafika isikhathi sokushiya kuKhozi. Yonke iminyaka yami yokusakaza bengenza umculo. Ngicabanga ukuthi ngenxa yolwazi, amava nokuqonda kwami umkhakha womculo, ngibone ngingasiza kakhulu abaculi bowokholo nophrojusa bomculo wokholo..."
Uthe iThe Return Musical izobe igxile kulokho. Eqhuba uSbu uthe ngeThe Return Business Expo uzobe ehambela umphakathi esiza osomabhizinisi abasacathula ukuze bakwazi ukukhangisa ngemikhiqizo yabo. Akukhona okokuqala uSbu ememezela izinhlelo azoqhamuka nazo.
NgoSepthemba nyakenye wamemezela ukuthi uzosungula isiteshi somsakazo esizosakaza ngezokuxhumana namaYouTube Channels, iListen To My Story nebizwa ngo-Uhambo Podcast. Wabuye wathi uzoshicilela incwadi esihloko sithi The Greatest Version of Me:My Last 60 Days vs My Last 14 Years on Ukhozi FM.
Kuze kube yimanje ubengakasho lutho ngalezi zinhlelo. USbu wakhonjwa indlela oKhozini ngo-2022 ngenxa yabantu ababekhala ngokuthi wabawaka izizumbulu zemali. Abanye baze bambika kwiSkebhe sangakubo eNquthu, 'esathi ukuxoxaxoxa naye.'
Ngo-2009 wake wadutshulwa amahlandla ayisithupha eMgungundlovu kodwa yagcina ingazekanga imbangela yokudutshulwa kwakhe.
U-SBU Buthelezi owaxoshwa kuKhozi FM uqhamuka nezinye izinhlelo
Image: SIGCINIWE