UMAFIKIZOLO usehlela ukugcwalisa iMoses Mabhida Stadium
Image: FACEBOOK
I-TOP 20 yoMhlobo Wenene
Image: FACEBOOK
ISIHLABANI somculo kamaskandi sodumo lwengoma eshisa izikhotha kulezi zinsuku ethi Uyoncengwa Unyoko, uLethukuthula "Umafikizolo" Mhlongo, sithi siphezu kwamalungiselelo okugcwalisa mfi iMoses Mabhida Stadium ngenhloso yokugubha impumelelo yale ngoma.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe, Umafikizolo uthe le ngoma seyigile izimanga kakhulu futhi yamqophela umlando. UMafikizolo (25) waKwaBasi, eWasbank, ukhulume kanjena nje, le ngoma isanda kuqopha umlando ngokuba yingoba yokuqala kamaskandi ukuqengqeleza phambili kuMhlobo Wenene FM.
"Ukuyibona seyidlalwa kakhulu nayiziteshi ezingekho eKZN, kuyangijabulisa ngoba lokho kukhombisa ukuthi umculo wami nakwezinye izifundazwe bawusekela ngendlela eseqophelweni eliphezulu uma sewuqashelwa nayisiteshi esikhulu kangaka. Le ngoma ingenzela izinto ezinhle kakhulu kangangoba ngihlela nokuyenzela umcimbi, hhayi omncane kodwa omkhulu eMoses Mabhida Stadium."
Leli culo selike ladlalwa nakwiMetro FM nakwiGagasi FM, okuyiziteshi ezingavamisile ukudlala izingoma zikamaskandi. Uthe okumenza acabange iMoses Mabhida Stadium ukuthi le ngoma seyiphenduke ihubo lesizwe ngisho emidlalweni yebhola.
"Ngiyibonile idlalwa kuwina iKaizer Chiefs, yadlalwa kuwina iBanyana Banyana, yadlalwa kuwina iBafana Bafana nasemidlalweni yeLamontville Golden Arrows iyadlalwa."
Uthe ufisa ukugcwalisa bonke abalandeli bomculo abahlukahlukene bese emema nozakwabo.
"Ngiyabonga kakhulu kubathandi bomculo wami ngoba ukube babengekho ngabe le ngoma ayikho kuleli zinga. Kwahlula ngisho sebeyigxeka, bethi inenhlamba kodwa bakwazi ukuchazela abantu ukuthi unyoko igama lesiZulu," kusho uMafikizolo ozovela nakuMalanga Awafani kwiSABC1.
Yize sekusele inyanga kuhlukaniswe unyaka kodwa osaziwayo abaningi sebephumele obala bathi bahamba nengoma kaMafikizolo.
UMafikizolo uthe ngesikhathi enza le ngoma wayekulindele ukuthi ithakaselwe kakhulu ukwedlula ezinye. Uthe okwenza lokho wukuthi uwumuntu ohlale efuna ukuqhamuka nento ehlukile kweyabanye futhi ugxile emculweni wothando.
UMCULI kamaskandi uMafikizolo osefuna ukugcwalisa iMoses Mabhida Stadium
Image: FACEBOOK/UMAFIKIZOLO