USotswebhu weMK Party uCollen Makhubele usekhonjwe indlela ngemuva kophenyo lwangaphakathi
Image: X
Iqembu loMkhonto weSizwe (MK) selixoshe uSotswebhu walo ePhalamende, uColleen Makhubele. Esikhundleni sakhe, kwafakwa ilungu lePhalamende u-Des van Rooyen.
Isitatimende esisemthethweni se-MK asizibalulanga izizathu zokuxoshwa kukaMakhubele. Kodwa-ke, umthombo wangaphakathi eqenjini utshele i-IOL ukuthi lesi sinqumo silandela umbiko wangaphakathi oncoma ukumiswa kwakhe.
"Umbiko wangaphakathi omayelana noColleen uphakamise ukuthi amiswe emsebenzini kuze kuphenywe. Kodwa sase sinabo bonke ubufakazi - sasingekho isidingo sokuphenya. Amaqiniso ayekhona ngakho kumele ahambe," kusho umthombo.
Isitatimende ngokuqokwa kukaVan Rooyen, sithi: “Iqembu le-MK linethemba eligcwele lokuthi ngaphansi kobuholi bakhe njengoSotswebhu Omkhulu, iKhokhasi yasePhalamende izoqiniswa, iqondiswe izigwegwe futhi ihambisane nomgomo oyingqopha-mlando weqembu wokuletha inkululeko ephelele yabantu baseNingizimu Afrika.” Iqhube yathi: “Iqembu liqinisekisa abalandeli balo kanye nomphakathi wonkana ukuthi ubuholi obusha ePhalamende buzonothisa umsebenzi wekhokhasi, bucije ukugxila kwezepolitiki futhi bukhulise amandla ayo okumela intando yabantu ngaphandle kokuyekethisa.”