Izindaba

'Onesi bantshontshe imininingwane yesiguli bahlomula ngo-R162 000'

Simangaliso Ntshangase|Published

Onesi basolwa ngokukhwabanisa izishaqane zesiguli

Image: sigciniwe

UMNDENI wakwaMbatha oZwathini, ngaseNdwedwe, ufuna ukuthi babhadle ejele abesifazane abathathu abangamanesi kwesinye sezibhedlela zakule ndawo, abasolwa ngokusebenzisa imininingwane yowayelaliswe esibhedlela, bazicebisa ngayo ngemishwalense ebahlomulise ngemali.

Owomndeni ongathandanga ukudalulwa ukumvikela, utshele Isolezwe ukuthi okwaholela kulokhu wukuthi kwagula ingane yomfana, uNduduzo Mbatha (24), owayengena ephuma esibhedlela sikahulumeni i-Appelsbosch, nokwagcina kumenele ngoNovemba, wonyaka odlule.

"Kuthe ngenyanga edlule, unina womfana wathintwa yizinkampani zemishwalense eyahlukene, zimbuza ngabesifazane abathile abasebenza kulesi sibhedlela, zase zimazisa ukuthi kusetshenziswe imininingwane yendodana yakhe ukwenza futhi kuhlonyulwe emishwalenseni ngaphandle kwemvume yakhe nangokungemthetho," usho kanje.

Eqhuba, udalule ukuthi laba basebenzi bakulesi sibhedlela bahlomula ngemishwalense, okwathi sekushone umufi - owedwa wabo wathola u-R50 000, omunye wahlomula u-R54 000, kwathi owesithathu wakhokhelwa u-R58 000. Kanti futhi kukhona nomunye wesine, okuvela ukuthi owakhe umshwalense umchithile, wabuyiselwa u-R119 ayewujoyine ngawo.

"Lokhu kusiphathe kabi sonke siwumndeni ukuthi kube nabantu abanesibindi esingaka sokuthi basebenzise ukugula nokufa kwelungu lomndeni wethu ukuzicebisa bona, ikakhulu ngoba bangabantu esibaziyo nabasebenzela uhulumeni," kukhononda owomndeni.

Kuthintwa unina kamufi, uNkk Bongiwe Mbatha, uvumile ukuthi yiqiniso ukuthi kwasetshenziswa imininingwane yendodana yakhe ukuzicebisa ngemishwalenge, isimo athi siwuphazamise kakhulu umoya wakhe.

Uthe okubuhlungu kakhulu nokumphatha kabi ngalesi simo wukuthi senziwe ngabantu abesebenza nabo futhi bejwayelene nangale kokuhlanganiswa wumsebenzi.

"Okukhombisa ngempela ukuthi bayenzile le nto nokuthi bayenze ngenhloso wukuthi kuthe sengivule icala ngalokho, bavele besula bonke emsebenzini - okudweba isithombe esicacile sokuthi bashaywa yisazelo sobubi besenzo sabo," kusho uNkk Mbatha.

Eqhuba, uthe okunye futhi okumphatha kabi wukuthi usanda kuthola ukuthi lona leli fayela lendodana yakhe elisetshenziswe ukugila imikhuba kalaziwa muntu manje ukuthi likuphi, okwenza akhathazeke ukuthi kuzokwenzekani uma kwenzeka lidingeka ngokuqhubeka kwecala.

"Nokho isifiso sami wukuthi kuqhubeke kuphenywe kanzulu ngalesi simo ukuze kutholakale yonke imininingwane ezokwenza ukuthi bafunde isifundo ngale nto abayenzile," usho kanje.

Isolezwe lithole ukuthi udaba selubikiwe esibhedlela, kanti iziphathimandla ezingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba zikuqinisekisile lokho, zathi kuyaphenywa. Kuvele ukuthi azikemukelwa ngokusemthethweni izincwadi zokusula emsebenzini kwamanesi ngoba kusolwa ukuthi abalekela isikhalo esifakiwe ngawo.

Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakaqinisekisi ukuvulwa kwecala ngalolu daba.