UGENERAL Bheki Cele wayekhuuma noMnuz Tony Forbes phambi kukaKhomishana wamaPhoyisa eKZN uGeneral Nhlnhl Mkhwnazi eNkantolo eNkulu yaseThekwini nyakenye
Image: DOCTOR NGCOBO
UYISE womrepha ongasekho, uKiernan "AKA" Forbes, ugonyuluke ngobuhlungu abuzwiswa yinkulumo yobenguNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uGeneral Bheki Cele ngesikhathi evele ekomitini lasePhalamende emasontweni adlule.
Ekhuluma kwiSMWX YouTube Channel, uTony Forbes uthe inkulumo kaCele yathunuka umndeni ka-AKA isilonda ebesisabhibha. UCele watshela ikomiti, eliphenya ngenkohlakalo edla lubi emaphoyiseni nokugxambukela kwamaphoyisa, ukuthi amaphoyisa akholwa wukuthi owayeyintombi yalo mrepha, u-Anele "Nellie" Tembe, wabulawa nokuthi wazama kangaki ukuba leli cala libuyele enkantolo.
UCele wathi amaphoyisa aphenya kabanzi futhi aya kaningi kumshushisi efuna icala liqulwe kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya. Wathi aze afuna isitifiketi ukuze icala liqulwe ngasese, kodwa kwangenzeka. Kwahluleka ngisho esexhumana nomengameli wezwe. Waze wagcizelela ukuthi uyafuna ukwazi ukuthi kungani leli cala lingaqulwa enkantolo.
Nakuba uCele esho kanje kodwa uForbes uthe uCele wabahlukumeza ngale nkulumo yakhe. Uthe amazwi kaCele abuhlungu ngoba ubheca u-AKA njengombulali. UForbes uthe amazwi enza abanye abantu ezinkundleni zokuxhumana bathi babevele besola ukuthi u-AKA wabulala uNellie ngo-2021.
UNellie, owayeneminyaka ewu-22, washona emuva kokuwa esuka estezi seshumi ehhotela laseCape Town ekubeni u-AKA wabulawa ngokudutshulwa ngaphandle kwendawo yokudlela eThekwini ngoFebhuwari 10, 2023.
UForbes uthe okumphathe kabuhlungu ngenkulumo kaCele wukuthi udaba lokufa kukaNellie lusaphenywa, yingakho aphoxeka uma aboPhiko lwezokuShushisa eWestern Cape bengakhiphanga isitatimende esiphikisa uCele. Utuse kakhulu amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngokusukumela icala lokubulawa kuka-AKA.
ZAZIMNANDI lezi zinsuku phakathi kuka- Anele "Nellie" Tembe noKiernan "AKA" Forbes abangasekho emhlabeni
Image: SIGCINIWE