Izindaba

Kuqopheke umlando kubekwa oyisizukulwane sikaBhambatha

Charles Khuzwayo , Nokubongwa Phenyane and Sabelo Nsele|Published

INKOSI uMalusi Zondi, ejutshwe yiSilo samabandla ukuba ibe yiso laso, itheleka esigodlweni eMashobeni oPhongolo

Image: MXOLISI THUSI

KUQOPHEKE umlando emkhosini wokuthela amanzi esigodlweni saseMashobeni, oPhongolo, ngoLwesihlanu, ngesikhathi iSilo samaBandla, uMisuzulu kaZwelithini, siphakamisa abantu abazoba yiso laso kwezinye izindawo zaKwaZulu-Natal.

Phakathi kwabo kubalwa nosomabhizinisi ongaconsi phansi kulezi zinsuku, iNkosi uMalusi Zondi. Indlulamithi ithe uZondi uzokwangamela izindawo ezingamalokishi nezisedolobheni laseThekwini naseMgungundlovu ukuze abantu bangalokhu bekhala ngokugqoza kwentuthuko. INgonyama ithe iqoke uZondi ngenhloso yokuvuselela umlando nobudlelwano owawuphakathi kweNkosi uBhambatha kaManciza neSilo uDinuzulu. 

Ezibongela uZondi, otheleke kulo mkhosi ephelezelwa ngamabutho nangosaziwayo, ukhonze eSilweni ngezinkomo ezingu-120 nezinye izimpahla zasendlini. Ngaphandle kwamabutho, bekukhona namakhosi akwaZondi. Akagcinanga lapho, uthe ngoba usibonile iSilo sihlupheka, yena uzoqinisekisa ukuthi asiyophinde silambe futhi some kulesi eSihlalweni. Ubuye wazibophezela ukuthi yena nabantu bakwaZondi jikelele bazofa lapho kufa khona iSilo.

Omunye ophakamisiwe yiNkosi uNcube, elingatholakalanga igama layo, ezoba yiso leNgonyama ezindaweni ezigudle ulwandle uma usuka kuN2. UNcube naye uzibongele eSilweni ngezinkomo ezinhlanu nokudla.

INdlulamithi yamakhosi ithe okuyenze iphakamise la makhosi yingenxa yamagalelo awo emphakathini namandla enawo futhi engafuni kuphucwa ngumuntu wona. Ithe la mandla ayefana nawokuqoka undunankulu nephini lakhe. Kulo mkhosi bekubizwe amakhosi ukuba azothela amanzi ngaphambi kokuba abekwe ngokusemthethweni.

Emakhosini abezothela amanzi kubalwa eyaKwaNobamba iNkosi uVukani Ntombela, eyaKwaNdlangamandla iNkosi uSQ Mntungwa, eyakwaNdebele iNkosi uSTZ Ndebele, eyesizwe sakwaMthethwa iNkosi uSW Mthethwa esifundeni saseZululand, eyesizwe saseMhlana esifundeni saseKing Cetshwayo iNkosi uMN Mthethwa neyakwaMadzikane eMzimkhulu.

UMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana noBuholi boMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uthe leli siko lokuthela amanzi lisemqoka kakhulu esizweni. INkosi uNtombela, ebiphethe izinkomo ezingu-49 nezipho ezinhlobonhlobo futhi iphelezelwa ngamabutho, ithe bebeze kulo mkhosi ngenhloso yokwenza isiko lokuhlambulula isihlalo esishiywe nguyise iNkosi uSiphamandla Ntombela eminyakeni eyedlule.

Ithe inethemba lokuthi njengoba sekwenzeke leli siko, konke sekuzohamba kahle esizweni sayo. ISilo sithe sinethemba lokuthi ukubambisana kwaso noNtombela kuzoba nomthelela omuhle futhi kube nezibusiso. Abanye ebebehambele lo mkhosi nguSihlalo wobuHoli boMdabu eKZN, iNkosi uSifiso Shinga, ilungu lesiShayamthetho eKZN, uMnuz Blessed Gwala, uMbhishophi ND Nhlapo weNGF, Ngizwe Mchunu, Gqizile, Ndoni Ndunakazi, Mthandeni SK nabanye. 

INKOSI uVukani Ntombela, igaxe isikhwanyana, itheleka namabutho esigodlweni eMashobeni, oPhongolo

Image: MXOLISI THUSI

ISILO samabandla wonke, uMisuzulu kaZwelithini, eseMkhosini wokuthela amanzi esigodlweni eMashobeni

Image: MXOLISI THUSI