UMNUZ Jabhisizitha Khulu otholwe eshonile
Image: Sithunyelwe
UMNUZ Khanyisa Khulu otholwe eshonile
Image: Sithunyelwe
UFUNA ubulungiswa umndeni wezelamani zaseMasondeza, eMadadeni, eNewcastle, ezitholwe zishaywe zaphonswa emfuleni emva kokusongelwa umakhelwane owalahlekelwa yimvu.
Izelamani zakwaKhulu, uJabhisizitha (26) noKhanyisa (23) zitholwe sezishonile ngeSonto, emfuleni uMzinyathi.
UJabhisizitha noKhanyisa babegcine ukubonwa bethathwa yiQuantum elaziwayo ngoMgqibelo.
Ngaphambi kokuthi banyamalale, banukwa umakhelwane owayelahlekelwe yimvu.
Lo makhelwane kuthiwa waze waphimisa amagama ayizinsongo ewabhekise kuKhanyisa.
Udadewabo wezelamani, uNksz Thandayiphi Mehlokayise Khulu, uthe baqala ukufuna ngoMgqibelo, emva kokuba sebezwile ukuthi abafowabo bashaqwe abantu abebehamba ngemoto eyaziwayo.
UNksz Khulu uthe bayalelwe ukuba beyobheka emfuleni oseMndozo, oSizweni.
Uthe bafike bazithela phezu kwezidumbu zabafowabo ebezishaywe kanzima.
"Babecindezelwe ngezitini, beboshwe nangezintambo. Imizimba yabo ibigandayiwe, angazi ukuthi babeshaywa ngani. Kube yinhlanhla nje ukuthi sibathole ngoba uyabona ukuthi inhloso bekuwukuthi imizimba yabo icwile, ingabonakali."
UNksz Khulu uthe okubaphatha kabi ukuthi akukaboshwa muntu ngokubulawa kwabafowabo, wathi abafowabo bathathwe emini kwabha yimoto eyaziwayo.
"Omunye bamthatha esitobhini kwaN, omunye bamthatha endaweni yokucima ukoma, eKuvikileland. IQuantum elabathatha kuyaziwa ukuthi elikabani. Bakhona abantu ababonayo bethathwa. yingakho sifuna ubulungiswa njengomndeni. Sifuna ukwaziswa ukuthi kuqhubekani ngophenyo futhi sifuna kube khona ababoshwayo."
UNksz Khulu uthe namanje zisankenketha izinhliziyo ngokubulawa kwabafowabo.
"Noma ngabe yini abebeyenzile bebengafanelwe ukubulawa ngesihluku esingaka."
Uthe abafowabo kabanawo umlando wokuhlupha endaweni.
"Bebengabantu abebezibambela amatoho nje. Ukhona obebuye abheme lezi zinto zabo kodwa naye ubengantshontshi."
Eqhuba, uthe abafowabo bake baba semsindweni emva kokulahleka kwemvu yakwamakhelwane, wathi umakhelwane wanuka abafowabo ngokulahleka kwemvu. Uthe abafowabo baziphika izinsolo.
"Kwaba nomhlangano lapho khona abafowethu basho ukuthi abazani nemvu elahlekile. Naye umakhelwane wagcina esekhuluma izinto eziningi."
Uthe umakhelwane wagcina esesongela izelemani.
"Umakhelwane owayelahlekelwe yimvu wagcina ethi abahambe endaweni ngoba uzobathumelela ngabafana bakhe. Banqaba ukusuka endaweni. Bathi uma besuka endaweni kuzobonakala sengathi ibona ngempela abebe imvu."
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Paul Magwaza, uthe izelamani zitholwe zinamanxeba okudutshulwa.
"Amaphoyisa asoSizweni aphenya amacala amabili okubulala, imbangela yokubulala ibingakaziwa."
Related Topics: