Undunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli
Image: Independent Newspapers Archives
UBHEKENE nesinye isivunguvungu uhulumeni wokubambisana ophethe KwaZulu-Natal njengoba iqembu elingababeki benkosi, i-NFP, lithi alisabuthembi ubuholi bukaNdunankulu, uMnuz Thami Ntuli.
I-NFP ithe isibona kungcono ukuthi kuthathe i-MK kuhulumeni wesifundazwe.
Inkulumo yokuhoxa kwe-NFP iqhamuka kungakapheli isikhathi esingakanani i-ANC Youth League inxenxe i-ANC ukuba ishiye kuhulumeni wokubambisana.
I-NFP inesihlalo esisodwa esiShayamthetho, okwenza amaqembu abusa ngokubambisana abe nezihlalo ezingu-41 kwezingu-80 esiShayamthetho.
Isihlalo se-NFP yisona esenza ukuba kuphathe uhulumeni wokubambisana oholwa i-IFP esikhundleni sikahulumeni owawuzoholwa i-MK.
I-IFP ibambisene ne-ANC ne-DA, i-MK yona yayivota ne-EFF ngesikhathi kuqokwa undunankulu.
I-MK, enezihlalo ezingu-37 esiShayamthetho, isanda kufaka isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNtuli. I-MK imatasa inxenxa amanye amaqembu ukuba aseke isiphakamiso sayo.
Ngokuthola kweSolezwe, bahlukene phakathi abeNFP njengoba kukhona abangahambisani neyokuthi iqembu lihoxe kuhulumeni wokubambisana.
UMengameli we-NFP, uMnuz Ivan Barnes, uthe babona kungaba ngcono uma kungathatha yona i-MK ngoba vele iyona eyathola amavoti amaningi KwaZulu-Natal ngesikhathi kunokhetho.
UBarnes uthe uhulumeni wokubambisana uhluleke wancama ukufeza izethembiso owazenza.
"Ngesikhathi kusungulwa uhulumeni wokubambisana kwavunyelwana ngokuthi sizosebenza ngokuthemba, sibeke eqhulwini ukuhanjiswa kwezidingo nokuheha abatshalimali. Uhulumeni wokubambisana wathembisa ukuthi omasipala bazosondela kakhulu ebantwini. Ngeshwa into esiyibona yenzeka, iphambene kakhulu naleyo eyathenjiswa mhla kusungulwa uhulumeni wokubambisana.
"Akukaze kube khona imihlangano lapho sibheka khona ukuthi benza kahle yini abantu abajutshwe yiwo wonke amaqembu aphethe ezikhundleni. Into esiyibonayo nje lana ukumoshwa kwemali, nokungalandelwa kwemigomo ebekelwe ukusetshenziswa kwemali. Undunankulu (Ntuli) uhambela amazwe angaphandle kungenasidingo. Ingakho singasemethembi."
UBarnes uthe amaqembu aphethe ngokubambisana adlana izithende.
"Ngesikhathi kwakhiwa uhulumeni wokubambisana kwavunyelwana ngokuthi amaqembu azosebenzisana kodwa into esiyibona yenzeka komasipala ikhombisa ukungahloniphani nokungabambisani kwamaqembu abusayo. Ukungabambisani kwamaqembu abusayo kuphazamisa ukusebenza kukahulumeni. Le nto ilimaza kakhulu abantu okuyibona abalindele izidingo."
Umholi onesikhundla esiqavile kwi-NFP ukuchithile okushiwo uBarnes.
Lo mholi ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa, uthe i-NFP ngeke iphume kuhulumeni wokubambisana.
"Lena yinto yomuntu oyedwa. UBarnes usazilwela impi yakhe yokuthi i-IFP yanqaba ukumnika isikhundla sobumeya kuMasipala iZululand. I-NFP isazoqhubeka ibe yingxenye kahulumeni wokubambisana."
I-NFP igubuzelwe yizinkinga zangaphakathi.
Leli qembu like lazama lehluleka ukuxosha ilungu lalo esiShayamthetho, uNksz Mbali Shinga.
Related Topics: