UMAHLATSE Letoka uthi utshelwe wuNkulunkulu ukuthi ukugoqwa komhlaba kwahlehliswa ngenhloso
Image: FACEBOOK
UMLINGISI wodumo kwiGenerations The Legacy, uMahlatse Letoka, ugonyuluke ngokwenza umhlaba wangabe usagoqwa ngenyanga eyedlule.
UMahlatse waseLimpopo, owayelingisa indawo kaXolelwa kulo mdlalo osakazwa kwiSABC1 phakathi nezinsuku ngo-8 ebusuku, uthe uNkulunkulu umtshele ukuthi ukugoqwa komhlaba ukuhlehlise ngamabomu. Lo mlingisi ungomunye wabantu ababeshumayela ukuthi ngomhla ka-23 no-24 umhlaba uyagoqwa noma kanjani.
Kuleli sonto uMahlatse ubuye esethi uNkulunkulu ukhulume naye emuva kokuthi isibonakaliso sabo singafezekanga. Ekhuluma kwi-video, uthe ngempelasonto eyedlule ubesemthandazweni ojulile.
"Ngibe nengxoxo noNkulunkulu. Ngimbuze ngokuhlehla kokubuya kukaJesu ezolanda ibandla lakhe. Ungivezele ukuthi ukuhlehla kokugoqwa komhlaba okwakufanele kube ngoSepthemba 23 no-24 kwenzeka ngenhloso. Njengoba amakholwa amaningi abesho, injongo bekuwuhlukanisa ukhula kukolweni (wheat)."
Uthe uNkulunkulu udalule ukuthi usuku nosuku, umhlaka-23 no-24, beluyisixwayiso.
"Angazi zingaki izixwayiso. Mhlawumbe ziyisikhombisa. Mhlawumbe ziwu-14 kodwa elinye lalezi zinsuku liyihlabe esikhonkosini. Uma ungazibuki lezi zinsuku, kulungile. Okusemqoka ukuqonda ukuthi sesisezinsukwini zokugcina. Ngakho kufanele silungiselele ukugoqwa komhlaba. UJesu uyabuya ukuzohlwitha umlobokazi wakhe khona maduze. Kufanele sibekezele. Kumele sigcine izibani zethu zivutha." UMahlatse uthe kuyingozi ukuziba izixwayiso."
Uthe kuyavela encwadini ka-Eksodusi ukuthi abangazishayanga mkhuba izixwayiso zikaNkulunkulu bafa.
"Namhlanje izixwayiso zicacile. Umhlaba ukhombisa izimpawu zezibonakaliso zokuthi ukugoqwa komhlaba sekuseduze. UNkulunkulu unothando kodwa uyaba nolaka. Ukwesaba uNkulunkulu kuwukuqala kokuhlakanipha. Ngakho ukuzilungiselela kusemqoka."
UMahlatse, owashiya ekulingiseni wagxila ekushumayeleni iZwi likaNkulunkulu, uthe uSathane uzamile ukuqeda ngemiyalezo yokugoqwa komhlaba ngokusebenzisa izimfundiso zamanga.
"Ningakhohliswa. Buyelana esikweni langempela lobuKhrestu. Bunakekele ubudlelwano bakho noJesu," kuphetha uMahlatse owake walingisa indawo kaKone Makwarela emdlalweni othi Thola nekaThato Namanyane efilimini ethi Freedom.
UMAHLATSE Letoka owazakhela udumo kwiGenerations The Legacy, uveza eyenze umhlaba wangagoqwa ngenyanga eyedlule
Image: FACEBOOK