Isibhamu
Image: SAPS
UBEVUTHA engabaselwe, eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, umshushisi ecaleni lokubulawa kowesilisa owayesolwa ngokweba isibhamu - okwabuye kwavela ukuthi umnikazi ubesilibale otshwaleni.
Kuleli cala kuboshwe abasolwa abathathu okunguMnuz Sibongiseni Kunene (51), yindodana yakhe uMnuz Siyabonga Mhlongo (31) nendodakazi yakhe uNksz Amanda Mhlongo (28). Basolwa ngokubulala uMnuz Sphiwe "Mapi'' Ndlanzi (39) ngesonto eledlule. Kuthiwa umufi uyisihlobo sabasolwa.
Kuthiwa babemsolwa ngokweba isibhamu sikaKunene, okwabuye kwavela ukuthi wayesibambise umnikazi wendawo yokucima ukoma, ebona ukuthi usedle kakhulu amanzi amponjwana.
Izolo enkantolo, uMshushisi uNksz B Mncwango, ubevutha ebhoka ekhahlela ephikisa konke okusezitatimendeni zabasolwa ebebezincengela ngazo ukuba bathole ibheyili.
Eqhulwini, uqale wahlaba wahlikiza iphuzu labasolwa lokuthi bakinatelwe ngenxa yodungunyane lokungaboni ngaso linye phakathi kwe-MK ne-ANC kwa-K KwaMashu. Leli phuzu umshushisi uthe alinasisindo futhi kaliwenzi nhlobo umqondo.
"Niqamba amanga uma nithi nilapha nje kungenxa yokuthi kuqhubeka ukungaboni ngasolinye phakathi kwala maqembu, nina-ke seniphenduke izisulu zalokho. Uma kuya ngokuthi lokho kuyiqiniso, pho kungani lapha emnyango kuhlangene abantu bawo womabili amaqembu bonke besho ngazwi linye, bethi nina kumele ningaphumi lapha? Niyabona-ke ukuthi leli phuzu lenu kalinaso ngempela isisindo?" usho kanjena.
Eqhuba umshushisi, ukuhlabe wakuhlikiza nokuthi laba ezitatimendeni zabo bathe banamahlalakhona, yingakho kumqoka ukuba badedelwe.
"Pho kungani ningabizi odokotela benu bezofakaza ngamahlakhona enu lapha enkantolo? Niqamba amanga nina, niphile saka,'' usho kanjena.
Uqhuba, uthe siyamxaka isitatimende somsolwa wesithathu sokuthi usazolethela inkantolo ubufakazi obuphathekayo bokuthi ngempela yena ngosuku lwesigameko wayengekho.
"Pho ulindeni lobo bufakazi ungabulethi manje? Angithi ufuna ukuthola ibheyili bese uyodlala kahle amakhadi akho. Nginxusa inkantolo ukuba ingakunikezi lelo thuba lokuthi wenze lokho ngokukuncisha ibheyili," echaza.
Umshushisi ugcizelele ukuthi akakholwa ukuthi kungaba yisinqumo esifanele ukudedelwa kwalaba ngebheyili.
"Uma nigcinwa ngaphakathi sinesiqiniseko esiphelele sokuthi ngeke nilibalekele icala. Kodwa uma nidedelwa ngebheyili asinaso isiqiniseko sokuthi ngeke nibaleke," usho kanjena.
Ummeli wabasolwa ubekade ekhulume kuqala eveza wonke amaphuzu abekade egadla ngawo enxusela abasolwa ukuba bakhishwe ngebheyili.
Elinye iphuzu alishilo elokuthi kulesi sigaba secala akukaveli ukuthi libe yini iqhaza lomsolwa ngamunye.
Uthe ngenxa yalokho, abukho ubufakazi obuphathekayo bokuthi nebala yibona abenzi bokubi, wathi kufanele bakhululwe ngoba kuyilungelo labo.
Imantshi enqabe negama layo igcine ingasikhiphanga isinqumo yathi idinga ukubuyekeza wonke amaphuzu ngaphambi kokuba inqume. Ithe icala lihlehliselwa u-Okthoba 29, lapho okuyophuma khona isinqumo sokuthi laba bayayithola yini ibheyili noma cha.
Related Topics: