Izindaba

Osezelwe kabusha uyothekela ulwazi phesheya

Charles Khuzwayo|Published

UNKSZ Samukelisiwe Msomi uyothekela ulwazi ePhillipines

Image: SITHUNYELWE

IZINKINGA ezikhungethe abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi intsha, zisukumise intokazi engumntwana kaNkulunkulu, uNksz Samukelisiwe Msomi, ukuba iyothekela ulwazi phesheya kwezilwandle. UNksz Msomi (22) waseWyebank, ePinetown, uthe kumkhathaze kakhulu ukubona intsha izinikela emikhubeni engasile kunokukhonza uNkulunkulu.

Uthe njengomuntu ozifelayo ngokwabelana nabanye abazalwane ngothando lukaJesu, ubone kungcono ukuba ayothekela ulwazi ahlose ngalo ukutakula iNingizimu Afrika. Uthe uthole  ingqayizivele yethuba lokubamba iqhaza ohlelweni lwentsha engabazalwane olubizwa ngeYWAM DTS (Youth With A Mission Discipleship Training School), eCebu, ePhillipines ekuqaleni kukaDisemba. Nakuba lezi zindaba zimnandi  kodwa leli thuba lingase limphunyuke uNksz Msomi  uma engamtholi umSamariya olungileyo ozomxhasa.

 Uthe uukuxhaswa ngominikelo ukuze aqongelele imali yokuhlangabeza zonke izindleko. "Ngimagange ngokuhlanganyela nabanye abazalwane bakwamanye amazwe ukuze ngibuye ngenze umehluko noguquko ezweni nasentsheni yakithi." UNksz Msomi uthe uzofike ahlale inyanga eyodwa phesheya kwezilwandle bese bebuya beyocobelela intsha nomphakathi kwelinye lamalokishi akuleli elisazohlonzwa. 

Uyintokazi ezelwe kabusha futhi ekhule ihlala nabazali bayo KwaDabeka, eClermont. Wafunda  ePinetown Junior Primary School nasePinetown Senior Secondry. Ukhule kanzima njengoba uyise ayesebenzela eQatar futhi ebuya kanye ngonyaka, okwakuyinto eyayimkhathaza unina. Eqhuba uNksz Msomi uthe naye wagcina esezinikele otshwaleni futhi esehlupha nasesikoleni.  Ubonge udadewabo owamyisa esontweni elisePinetown, iDwell Church kanti usezokuba nobudlelwane  noNkulunkulu.

"Ngajoyina ithimba labakhulekayo, ngabe sengihamba ngishumayela emphakathini lwaze lwachuma uthando lokuba yi-missionary ngoba ngibone ukukhahlamezeka kwentsha. Ngafisa ukwazi kabanzi ngokuba yi-missionary, kanti sengizothola inhlangano i-YWAM, esengifunda kuyo."

  Abafuna ukuxhasa uhambo lukaNksz Msomi  lwasePhillipines bengangena kule-website: https://www.backabuddy.co.za/campaign/help-me-raise-funds-for-my-dts-training