Izindaba

ISilo sibhoboke ngokuphoxwa wuhulumeni wakuleli

Charles Khuzwayo|Published

ISILO sigonyuluke ngobunzima esihlangabezane nabo ohambweni lwaseDubai

Image: SIGCINIWE

ISILO samabandla wonke, uMisuzulu kaZwelithini, silwela ukuba iNdlunkulu kaZulu nesizwe samaZulu kuzimele. Ingonyama ikhulume kanje esigodlweni saseMashobeni ngesikhathi igonyuluka ngobunzima ehlangabezane nabo ngesikhathi ilibangise eDubai.

ISilo sithe ukuzimela kuyosiphumelelisa isizwe ngakusasa. "Le ndaba yokuthi kuzophuma imali, ibizwe ngegama lethu ekubeni ingafinyeleli kithi kufanele igcine leyo nto boNdaba."

Indlulamithi ithe yize ihambe kahle nethimba layo kodwa lolu hambo luqale ngezingqinamba.

"Njengaloluya hambo lwaseNgilandi, baningi ababefisa lungenzeki kodwa ngengelosi yalaph' ekhaya lwagcina lwenzekile. Zalandela futhi izinkulumo khona ePhalamende ngalo lolo hambo. Kwathiwa iNgonyama isebenzise imali enkulu kakhulu."

ISilo sithe kwabashayisa ngovalo lokho ngoba babengayile ukuyopepenyeka kodwa babehambe ngomsebenzi weSilo. Sithe nakuba bekunzima kakhulu abaphelanga amandla.

"Akubanga lula. Bekunzima ngempela kodwa kwenzeka ngenxa yokwazi ukuthi yisiphi isimo isizwe esibhekene naso manje ngalesi sikhathi nokwazi futhi izidingo nezinkambo ebezihanjwa wuMdlokombane. Lezo zindlela kumele zivuthwe."

Sithe iSilo esebuzile sasiwumkhombandlela wokuthi la kuyophila khona isizwe neNdlunkulu."

ISilo sidalule ukuthi uhulumeni uvele wagoqa izandla, wangakhipha ngisho indibilishi. 

"Wathi siyoke sibone ukuthi iNgonyama nabantu bayo bazohamba yini. Ngaze ngabiza iNdlunkulu kaMawewe. Ngathi 'MkaNkosi  ngiyakwazi ukuthi uzinikele esizweni njengoba nami ngizinikele nje. Kodwa nakhu sihamba singenamali. Asetholakele amathikithi, kanzima. Siyodlani phambili? Kuyoba yini eyongena emlonyeni ukuze siphile lapho siya khona."

ISilo sithe sathi kulungile bayodla kanye ngosuku kodwa kusasa uNkulunkulu lokho kudla kanye ngosuku uyokuphinda kaningi ngelinye ilanga ngoba bahambela ukuhlupheka kwalesi sizwe.

"Sengikhuluma okungaphakathi, okungakhulumeki esibhekene nakho siyiNdlunkulu futhi siyisizwe ngoba nakhu singenamali. Uhulumeni kulolu hambo akukho (asixhase ngakho) futhi nabo bamangele ukuthi sihambe kanjani. Babone sebebona ezithombeni sesihleli namakhosi lawa ebebesivimba ukuba siwabone."

Siqhuba iSilo sithe amakhosi angaphandle athembise ukusebenzisana neNdlunkulu ngaphandle kosizo lukahulumeni. Sithe bamangele ukuthi eDubai akuhlupheki noyedwa umuntu.

ISilo sibuye sagxeka uhlangothi lwaseNdlunkulu oluphikisana nokubusa kwaso. Sithe inhloso yabo wukungcolisa igama laseNdlunkulu.

"Benza ngamabomu laba, basezinkantolo njengoba sebethi baya eNkantolo yoMthethosisekelo. Ukungcolisa nokona nje. Ukuthi kunokuthi kulungise Indlulamithi kungavele kungalungi lutho. Ayinamqondo leyo nto. Ukuthi nizohlupheka nonke boNdaba ngenxa yami. Abangicwenge eceleni, babhekane nami ngqo," kusho iNgonyama.