UTHOBILE Siciko othole amadlelo aluhlaza kuZalo
Image: FACEBOOK
UMSAKAZI wohlelo lwantambama kwiNtokozo FM, uThobile Siciko, unyelwe yinyoni esandleni njengoba ethole ithuba eliyingqayizivele emdlalweni wethelevishini ohamba phambili kuleli, Uzalo.
UThobile osakaza uhlelo oluthi Sunset Connection Drive kulesi siteshi esizinze eMlaza, uthe uzobe edlala indawo yephoyisa elingawubambi umshini, uNdovela. Uthe uzobanga ukushisa elokishini laKwaMashu. Unxuse ababukeli ukuthi babeke amehlo abo kwiSABC1 ngo-8.30 ebusuku, phakathi nezinsuku.
UThobile uthe unesipiliyoni kulo mkhakha njengoba esebuya kokwenza izikhangiso zeNu-Metro.
"Ngibe sezinhlelweni ezisakazwe kwiYouTube eziningi futhi ngalingisa emidlalweni yethelevishini, Amalanga Awafani neBloody Legacy."
Uthe uthando lokulingisa lwamfikela esengujahidada.
"Ngisafunda esikoleni samabanga aphansi ngase ngiqalile ukubamba iqhaza emidlalweni yeshashalazi yasesikoleni. Yingakho ngagcina sengizibandakanya nemidlalo yakwaLove Life. Ngabe sengiphoqeleka ukuyeka ukudlala ibhola lomnqakiswano nekhilikithi ngoba ngase ngigxile kwi-drama. Yilapho ngabona ukuthi ngibizelwe khona."
Uthe nakuba babebaningi abalingisi bakuleli nabasemazweni angaphandle ababemfaka ugqozi nofuqufuqu kodwa wachazwa kakhulu wumlingisi odabuka eMgungundlovu, osezinze phesheya kwezilwandle e-USA, uThuso Mbedu.
UThobile uzichaze njengentokazi engunontandakubukwa kodwa esebenza ngokuzikhandla futhi engayinqeni inselelo. Wazalelwa oGwini futhi ufunde esikoleni sakhona iLittle Flower Secondary waze waphothula uGrade 12. Uqede isikole wayokwenza izifundo zeDrama and Performance Studies eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
Uthe uzamile ukuyokwenza izifundo zeFinancial Accounting eMangosuthu University of Technology kodwa kwangamsebenzela ngenxa yokuthi uyazifela ngezobuciko.
"Ngabuye ngenza izifundo zeFilm and Television kwiMpucuzeko Skills Development."
Uthe ukungena ekusakazeni kwakuvele kuwumsebenzi wesibili ayewufisa ukuwenza.
"Ngazama kaningi kodwa kwanhlanga zimuka nomoya kwaze kwaba uPastor Mjosty usungula iKZN FM. Ngabe sengidlulela kwiVibe FM nakwiHarry Gwala FM futhi ngasebenza noJacinta Ngobese uMaZuma kwiVuma FM noLuyanda Ngwane."
UTHOBILE Siciko othole amadlelo aluhlaza kuZalo
Image: FACEBOOK