Izindaba

Isikhuni sibuye nomkhwezeli kwabebezama ukuduna imoto yomholi

Zimbili Vilakazi|Published

isikhuni sibuye nomkhwezeli kwabebezama ukuduna imoto yomholi

Image: Sigciniwe

KUBHIMBE izinto, ngesikhathi umqaphi wePhini leMeya kaMasipala waKwaMhlabuyalingana, elahla phansi ngenhlamvu abasolwa ababili ebebezama ukumduna imoto yohlobo lweFortuner esigodini saKwaShemula, KwaMhlabuyalingana, ngoMgqibelo. 

Kulesi sigameko kufe abasolwa ababili, oyedwa ufele endaweni yesigameko, kwathi isidumbu sowesibili satholwa ehlathini eliseduze. Kubikwa ukuthi owesithathu usagcwele amathafa. 

Likhuluma neSolezwe, iPhini leMeya, uNkk Zodwa Mtshali, lithe isigameko senzeke ngabo-8 ebusuku, abaqaphi ababili besanda kushiya yena kwakhe.

Uthe umuzi wakhe lapho abafike bamshiya khona abaqaphi awuqhelelene kangakho nalapho abahlala khona, okuyindawo okwenzeke kuyo isigameko. 

“Bathi ngesikhathi bengena egcekeni, oyedwa uphume nezimpahla wabe eyozibeka endlini ngesikhathi lona omunye esele ngaphakathi emotweni egcwalisa imininingwane yokuhamba kwemoto,” kusho uNkk Mtshali.

Uthe eseqedile umqaphi ukwenza lokhu, esethi uyehla, ubingelelwe umbhobho wesibhamu esiphongweni eqeda ngakho kodwa ukubeka unyawo olulodwa phansi.

“Lo msolwa wesibhamu, ongoyedwa kwabathathu abese ebabonile, umfune imoto ngenkani. Ngokucabanga ngokushesha, uvele wakhokha isibhamu ngesandla sakhe sobunxele, wabadubula. Lona wesibhamu uwele khona lapho, kwathi laba abanye ababili babaleka,” kusho uNkk Mtshali.

Uqhube wathi isidumbu sowesibili sitholwe amaphoyisa izolo, ehlathini eliseduze.

Uthe kwenzeka konke lokhu, bese benakho ukusola ukuthi kukhona okungahle kwenzeke njengoba bethe uma behamba ngendlela ejwayelekile ukusuka kwakhe, beya lapho behlala khona, babona izimoto ezingaqondakali zime sakuvimba lapho abajwayele ukujika khona, bengenela endaweni abahlala kuyo.

“Bathi bajikile bayohamba ngenye indlela, baphumelela ukungena egcekeni ngempumelelo. Nokho base behlaselwa sebengaphakathi,” kusho uNkk Mtshali, othe basola ukuthi ngesikhathi bengena ngesango, abasolwa bese bevele bengaphakathi.

Uthe basola ukuthi bajombe uthango base bebalinda ngaphakathi.

“Omakhelwane uma sebechaza emva kwesigameko, bathe bakhona abalisa abangaqondakali ebebelokhu bebabona ngasendaweni yesigameko ezinsukwini ezedlule kodwa kwangaba bikho ofikelwa umcabango wokuthi yizigebengu,” usho kanje.

Uthe bayasola ukuthi yibo abasolwa, bebesafunda umqondo ukuze benze ubugebengu. 

Udalule ukuthi kwenzeka lesi sigameko nje, ngoJuni nonyaka, untshontshelwe imoto yohlobo olufanayo, ihamba umshayeli.

“Yona-ke bayithatha ngakubo. Ngeshwa ayizange itholakale yona, yaweqa ngempumelelo umngcele wezwe yize sasibika ngokushesha isigameko emaphoyiseni,” usho kanje.

Uthe isigameko sibethusile, wathi njalo uma sekuyilezi zikhathi ezibheke kuDisemba, bayabikelwa ngoba yilapho okubhoka khona lolu hlobo lobugebengu. 

Uthe abafi bathe uma bebhekwa, kwaba abantu abangaziwa endaweni, wathi oyedwa basola nokuthi ungowokufika. 

Uphethe ngokuthi bafisa kuphele ukwakhiwa kodonga lukakhonkolo oluhlukanisa umngcele wakuleli nelaseMozambique.

“Sinethemba elikhulu lokuthi uma kungaqedwa ukwakhiwa kwalo, kuzosiza kakhulu ngoba namanje, nakuba buqhubeka lobu bugebengu, akusekubi kangako ngoba sezincane izintuba lokuwelisa izimoto ezebiwe,” usho kanje.

Police comment...