Izindaba

Oqwaqwade bonke omaskanda kwiGcwalisa Spring Picnic Top 15

Charles Khuzwayo|Published

UMAJONGOSI oqwaqwade omaskanda abahlonishwayo kwiTop 15 yeGcwalisa Spring Picnic All White

Image: FACEBOOK

UMCULI kamaskandi oseyivukane, uCelimpilo Khayelihle "Majongosi" Mthuli uzothola ingqayizivele yethuba lokushiyelana inkundla namaciko ahlonishwayo kuleli kwiGcwalisa Spring Picnic All White eHollywood Bets Kings Park, eThekwini ngoNovemba 8.

UMajongosi (28) waseBhamshela, uthole leli thuba emuva kokuqwaqwada bonke omaskanda emakhanda ngesikhathi kukhethwa iTop 15. Kubaculi abadliselwe ogageni wuMajongosi kubalwa nomaskanda abanohlonze okungoGatsheni, Njoko, Falabo, Navigator noMenzi. Kule ndumezulu yomcimbi uMajongosi uzobe eshiyelana inkundla noVusi Nova, Nkosazana Daughter, Somizi, DJ Tira, Eemoh, Felix Hlophe, Betusile, AmaLegend (okunguSomnandi, Igeza LakwaMgube noShwi),Khuzani, uMafikizolo, Imithente, Izingane Zoma, Thandeka Radebe, Dr Buselaphi nabanye.

UMajongosi ubonge kakhulu kubalandeli abamvotele kulo mqhudelwano.

"Ngiyabonga kubona banke abandeli abangivotelile. Ngiphinde ngidlulise ukubonga kakhulu kulezi zinsizwa ezihlezi singisiza noma kunzima okungoMelisizwe Mnomiya, Mxolisi Biyela noNtethelelo Ndlovu. Ngicela nakwabanye abahleli bemicimbi ukuba bangiqashe ukuze ngikhule." 

UMajongosi uthe uqale ukungena emculweni ngo-2010.

"Ngisebenze ngaphansi kweqembu Amafikalishona likababa owayeyinduna esigodini saseSkhotho.  Ngadlula kulona ngabe sengisebenza ngokuzimela ngo-2018."

Uthe  lapho eqale khona ukubona umsebenzi wakhe uthakaselwa ngabantu abaningi bekuwu-2020  nge-Covid 19 lapho akhipha khona umucu osihloko sithi Ngifela Lona.

"Ngo-2021 yilapho okwangenelela khona uMthobisi 'Sigameko' Maphumulo. Wangilekelela, wangiphindisela e-studio futhi wangithengela ngisho umfaniswano weqembu."

Uthe wabe esedlala ingoma enamandla eyachaza abantu abaningi futhi uMajongosi wagcina esaziwa kakhulu. 

"Enye yazo yaze yadlala oKhozini FM kwi-mix kaDJ Zaizo. Ngiphinde ngaqhubeka ngasebenza ngokuzikhandla ngomsebenzi njengoba kumanje sengaziwa abantu abaningi kakhulu, ngaze ngagcina sengivela nakwiGcwalisa Spring Picnic  All White." 

UMajongosi uzalelwe endaweni engaphansi kweNkosi uZwelinjani Mthuli.

"Ngingumfana okhule ngaphansi kwesandla sabazali okunguBonangani Mzobe noSehlelo Myaleni Mthuli."  UMajongosi utholakala ku-Tiktok: Majongosi3, Facebook: Majongosi Mthuli, WhatsApp: 0611049343 nakwi-email: [email protected]

UMAJONGOSI ozoshiyelana inkundla nezinkunzi kwiGcwalisa Spring Picnic All White eHollywood Bets Kings Park eThekwini ngenyanga ezayo

Image: FACEBOOK