YIWO amalungu amasha eStimela okungoSizwe Mashinini, Ntokozo Zungu, Sam Ndlovu noMpho Kodisang
Image: SITHUNYELWE
IZINKAKHA zomculo we-Afro jazz, iStimela, zikhuza ibuye emculweni ngokugubha iminyaka engu-45 ziyibambile insimbi ishisa kule ndima nge-elbhamu entsha esihloko sithi Through the Storm.
Kuzokhunjulwa ukuthi leli qembu selashiywa ngamalungu alo abecula phambili okungoRay "Chikapa" Phiri, uNana Coyote nabadlali bezinsimbi abanjengo-Isaac "Mnca" Mtshali, Thabo Lloyd Lelosa noBafana Khuzwayo. Njengamanje leli qembu selakhiwe nguSam Ndlovu, Sizwe Mashinini, Ntokozo Zungu noMpho Kodisang.
Umholi waleli qembu, uSam Ndlovu, uthe umucu abaqale ngawo, osihloko sithi More Than Just a Man, uthe baqonde ukuqinisekisa abantu ukuthi iStimela sisazoqhubeka nokuqhulula amanoni amnandi kuze kubhubhe umhlaba.
Uthe ngawo bathulela isigqoko amadoda akwazi ukuhlanganisa imindeni, edlala indawo yendodana, ekababa noyomyeni.
"Leli culo libungaza amadoda aklama indima enkulu empilweni yomphakathi. Obaba namadodana angamaqhawe angenazibongo empilweni yethu. Udaba lolu oluthinta wonke umuntu."
Uthe kule albhamu kunengoma abeyenze ngokubambisana nomsakazi u-Unathi Nkayi ethi Ixilongo nehlekisayo yothando ethi Juju (Love potion/Charm). Abagcinanga lapho, babuye benza nezikhumbuza abantu ngezigigaba zomzabalazo eNingizimu Afrika zeminyaka engaphambi neyamuva kuka-1994. Isihloko seyokuqala sithi Pamberi kanti eyesibili ithi Chimurenga. Ungengoma ethi Africa Ni Moja, ugqugquzela ubumbano kubantu base-Afrika namaphethelo.
IStimela yibhendi eyasungulwa ngeminyaka yo-1970 ngesikhathi uRay owayezifundise ukudlala isigingci ehlangana nomdlali wama-drums uMnca, umdlali ka-keyboard uLloyd nomdlali wesigingci sebhesi uJabu Sibumbe.
URay noMnca babeqale eqenjini elalibizwa ngeThe Cannibals ekubeni uJabu noLloyd babeyibambe kwiThe Movers, okungamaqembu ayedumile ngaleso sikhathi. IThe Cannibals yaqala iyibhendi eyayidlala izinsimbi kuphela ngaphambi kokufudukela kwi-Afro soul seyijoyinwe wuJacob "Mpharanyana" Radebe ngo-1975. Yaqhubeka isebenza naye kwaze kwaba uyadlula emhlabeni.
Yilapho kwashintshwa khona igama kwaba iStimela sekujoyine uJabu noLloyd. Bazibiza ngeStimela nje yisigameko sokusala dengwane eMaputo izinyanga ezintathu, baze baphoqeleka ukuba badayise izimpahla zabo ukuze babuyele ekhaya ngesitimela. SebeyiStimela babe sebejoyinwa wuThapelo Khomo, uNtokozo Zungu, uCharlie Ndlovu noNana Coyote. Babuye bajoyinwa wuSandile Ngema noBafana.
Kusukela lapho, ababange besabheka emuva njengoba qopha ama-albhamu ayeshisa izikhotha anjengo-Fire, Passion and Ecstasy, Look, Listen and Decide, Shadows, Fear and Pain, Go On Living Your Life ne-See the World Through The Eyes of the Child. Ingoma engasoze yabuna ngeyavalwa emisakazweni yakwaSABC eyayithi Whispers in the Deep (Phinda Mzala).