ABASEBENZI ngesikhathi kuqhubeka imashi
Image: isithombe : Doctor Ngcobo
BELUSEQHULWINI udaba lokuhlukunyezwa kwabasebenzi ngezindlela ezehlukene emashini yeCosatu eqale kuBotha yaze yaphelela eCity Hall, eThekwini, izolo.
Amalungu alo mbutho alimise ngesihloko elokuthi asekhathele manje wona wukuhlukunyezwa kwabasebenzi.
USihlalo weCosatu KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Shingange, eqhulwini ukhale kakhulu ngokuthi namanje kusekhona abasebenzi abaholelwa amakinati.
Uthe lokhu sebekhathele manje ukukhuluma ngakho ngoba kabazi ukuthi kanti kuvimbeni ukuze kuxazululeke?
"Namanje kunabasebenzi abasahola imali engekho lokhu futhi okwangempela. Ngikhuluma ngabasebenzi mina okuthi uma bebuka imali abayiholayo kumele bagcine bakhethe ukuthi bayisa ingane esikoleni noma kumele kulalwe kudliwe yini kulowo mndeni," echaza.
Ukhulume ngezikhungo ezehlukene athe kuzona izinto zimnyama kakhulu. Wenze isibonelo ngezibhedlela ezehlukene zaKwaZulu-Natal, wathi abahlengikazi basebenza kuze kube buhlungu imihlane ngenxa yengwadla yokubhekana neziguli eziningi ekubeni bona beyidlanzana.
"Sicela ukuthi manje ilungiswe le nkinga yokushoda kwabahlengikazi ezibhedlela zethu. Ngeke kulunge phela uma kunjena. Iqiniso ukuthi kudlalwa ngazo izingane zabantu sezize zingakuthandi nokuya emsebenzini ngenxa nje yokuthi zisebenza kuze kuse,'' usho kanjena.
Nasezikoleni nakhona uthe izinto zimapeketwane, othisha abanele. Nakhona uthe itshe limi ngothi njengoba uthisha eyedwa ebhekene nomthwalo wokufundisa abafundi abaningi.
''Ibuhlungu kabi le nto yasezikoleni. Siyacela nakhona ukuthi mabaqashwe phela othisha ngoba uma kungenjalo othisha bezogcina sebewenza ngendlela engafanele umsebenzi ngenxa yokuthi basuke sebekhathele phela nabo," echaza.
Elinye iphuzu athe bafuna ukuba libhekwe kakhulu ngelokufa kwabasebenzi ezikhungweni ezahlukene.
"Iqiniso ukuthi ziyonakala izinto, abasebenzi bayafa ekubeni kukhona indlela abangalekelelwa ngayo. Bafowethu kubuhlungu ukubona abasebenzi befela emsebenzi ngenxa nje yokuthi bebesebenzela endaweni engekho sesimweni esikahle," echaza.
UNobhala weCosatu, uMnuz Edwin Mkhize, uthe kunezinkinga abasebenzi abasenza komasipala abehlukene abaye bazithole bebhekene nazo kodwa bamane bengazi ukuthi benze njani.
Uphonsele uMasipala weTheku inselelo yokuthi kube khona okwenzwayo ngele nkinga. Uthe kunabasebenzi bakulo masipala abamiswa kungafanele emsebenzini, wathi kumele mababuyiswe.
Uthe yinto efanayo futhi nakuMasipala waseRay Nkonyeni, wathi bafuna babuyiswe abasebenzi abaxoshwa kungafanele.
Izikhalo ebeziphethwe yiCosatu zamekelwe uMphathiswa wezeMidlalo nobuCiko, KwaZulu-Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula obethunywe nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli.
Related Topics: