Emakhazeni
Image: Motshwari Mofokeng / Independent Newspapers
UBEKADE ethole izinsongo owesilisa waseNtinyane, eMbumbulu, okuthiwa udutshulwe wabulawa esemzini wakhe ngoLwesibili.
UMnuz Zwelibanzi Mchunu (44) kuvela ukuthi uhlaselwe ngamadoda angaziwa angabuza lutho, amdubula washonela khona lapho.
Isolezwe likhulume nowomndeni okuyindodakazi kamufi, uNksz Slindile Mchunu, ozwakalise ukushaqeka ngesihluku okubulawe ngaso uyise.
Uthe badidekile ukuthi kungani ebulewe ngoba ubengenanxa namuntu futhi engazibandakanyi nezinto ezingalungile zasemphakathini, wathi uyise ubesanda kuqala ibhizinisi lamakhaza ngemali ayithole eyeka umsebenzi angathandanga ukuwudalula.
Uveze ukuthi bekuyizithuba zehora lesishiyagalombili ebusuku ngesikhathi kupaka imoto eyi-VW Polo emnyango.
"Asizange sicabange ukuthi le moto izokwenza into embi kubaba. Lo muntu ungqongqozile endlini wathi ubaba masimvulele. Esengaphakathi, akakhulumanga lutho, udubule wabhekisa nje ngqo kubaba amahlandla amaningi," kuchaza indodakazi.
Iqhuba, ithe okuxakayo ukuthi lo wesilisa ubehamba yedwa futhi engazifihlile nasebusweni. Utshele Isolezwe ukuthi ubeqala ngqa ukumbona lo wesilisa.
"Ubekade efake ikepisi elimnyama nje kuphela. Akabingelelanga futhi akashongo lutho," echaza.
Uthe uphume ngesivinini endlini babange besabona nokuthi ishonaphi imoto ngoba unele waqala ukudubula nje base bayabelaka bengena emakameleni abo.
"Sinele sambona ekhipha isibhamu sase singena emakameleni. Bekukhona mina nobhuti wami njengoba umama engasekho emhlabeni," echaza.
Kubulawa uMchunu nje, sezibonakala ziyinsakavukela izigameko zokubulawa kwabantu kule ndawo.
Esikhathini esingangonyaka, bangaphezulu kwabangu-20 abantu baseMbumbulu ababulawe ngokudutshulwa.
Kuke kwaba nesikhathi lapho abantu bakule ndawo babecabanga ukuthi izigameko zokugobhoza kwegazi zimayelana nokweb iwa kwemfuyo kodwa ngokuhamba kwesikhathi bacula elinye iculo sebethi kakucaci ukuthi kungani bebulawa abantu.
Okuqaphelekayo ukuthi bonke njengoMchunu bathola imiyalezo ngaphambi kokuba basocongwe.
Kukhona omunye okhulume neSolezwe, ebalisa ngokuthi usethuka izanya njengoba naye esethole umyalezo wokuthi uzulelwa ngamanqe, sezimphelele izinsuku zakhe emhlabeni.
Uthe ukhungathekile ngoba akazi uxabene nobani njengoba ethole ucingo obelumazisa ukuthi uKhisimuzi angeke aze awudle. Ngaphambilini, uNdunakulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, wathembisa ukuthi uzolifakela izibuko udaba lokugobhoza kwegazi okungami kule ndawo.
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal asiqinisekisile lesi sigameko.
Related Topics: