EMAHHOVISI oMnyango wezaseKhaya kuhlale kunojenga lwabantu abadinga usizi
Image: SIGICINIWE
BATHI sekubami emphinjeni manje eyokufunwa imali yokubagwazisa ukuze beqiswe ulayini uma befuna usizo eMnyangweni wazaseKhaya enkabeni yedolobha iTheku.
Iningi labantu abasuke beshaye ujenge beze kula mahhovisi bathi inkohlakalo yokugwaziswa sekungathi yinto esemthethweni.
Baveze ukuthi akukhathaleki noma ungavuka ngasikhathisini uma ungayikhokhile imali yokweqiswa, uphenduka unodoli nje oma ndawonye liphuma ilanga lize liyoshona ungasizakele. Abakhulume neSolezwe, abavela ezindaweni ezehlukene ezakhele iTheku, bathe lokhu sekubami emphinjeni ngoba sebekhathele wukugqigqa emahhovisi bengasizakali ngalutho.
"Uma ufika kuba khona abathile abeza kuwena bakubuze ukuthi ufisa ukungena ngokushesha noma ufuna ukuqhubeka nokuma ulayini omude? Uma umtshela loyo muntu ukuthi ufuna kusheshe ukuphendula ngokuthi uphi pho u-R300 wokusheshisa ulayini?" kuchaza obemile esiligodlile igama lakhe nongowaseLamontville ngokuhlala.
Eqhuba uthe yena usegqigqe amasonto amabili agcwele kodwa lutho ukusizakala ngenxa yokuthi akawukhiphi u-R300 wokujombiswa ulayini.
"Abantu abafika ntambama ngo-2 bangena ngaphakathi baphume manje ngoba bakhipha le mali. Ibuhlungu le nto eyenziwayo lapha," echaza.
Omunye ongowaseMlaza uthe kuboliwe kula mahhovisi, wathi ngeledlule uze wakhokha le mali ukuze umagcino wakubo athole ithuba lokungena enze umazisi.
"Namanje ngabe kusamile nje. Kubi konakele laphaya," echaza.
Uthe manje ziyime emthumeni njengoba engenayo imali yokuphinde akhokhe ukuze kusheshe nakumshana wakhe.
"Sengimtshelile naye ukuthi akayeke ukudane evuka ngoba uchitha isikhathi sakhe eyoma ulayini omude ekubeni engeke asizakale. Ngithe akalinde ngihlanganise le mali ebese siyaphindela," echaza.
Omunye waKwaMashu obesenengekile, uthe usegqigqe amasonto amathathu, lutho ukungena ngaphakathi.
"Uyabona nje kukhona abafike manje phambi kwami sengikulayini, kodwa sebephinda emuva ngenxa yokuthi bakhokhile," kusho yena.
Ngesikhathi intatheli ifika kube khona owesilisa oze kuyona wayitshela ukuthi mayilungise u-R300 ukuze isheshe isizakale. Kuthe uma intatheli imbuza ukuthi kukhokhwa kubani, wathi kuyena. Ukhombise ukunengeka nxa intatheli imbuza ukuthi sikhona yini isiqiniseko sokuthi uma seyikhokhile izosizakala?
Akabange esaphendula lo wesilisa, wakhala ngokuthi akathandi ukubuzwa ipasi nesipesheli ngomsebenzi wakhe awaziyo.
Omunye ongumfundi owenza uGrade 11 eMzikazi High uthe uphatheke kabi ngoba umazisi usiyadingeka esikoleni. Uthe usegqigqe kakhulu kula mahhovisi kodwa dololo usizo.
Kukhona abanye ebebethetha bakhala ngokuthi kudlalwa ngabo bayaxhashazwa.
Nasedolobheni, iPietermarizburg, abahlala khona bake bashayela leli phephandaba bekhala ngonogada ohlangene nabanye abasebenzi ababafuna imali ukuze basizakale ngokushesha.
UMnuz David Shabane okhulumela uMnyango wezaseKhaya, uthembise ukubuya nempendulo egcwele mayelana nalolu daba, kepha kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kusacwebe isiziba.
Related Topics: