Kukhona okusina kubajeqeza othisha abalahlwa awokudlwengula
Image: IOL
AYAVEVA amalungu ePhalamende ngamacala othisha abalala, abadlwengula nabakhulelisa abafundi ezikoleni zakuleli.
La malungu akhala ngokuthi othisha bafana nabazali kubafundi ngoba bachitha nabo isikhathi eside nsuku zonke, kodwa yibona ababahlukumezayo ekubeni nasezweni kunenkinga yesihlava sokuhlukunyezwa kwezingane.
Akhale emva kokuba umkhandlu olawula othisha kuleli, iSouth African Council for Educators (SACE), wethule umbiko oveza ukuthi angu-606 amacala ahlukene asabikiwe kulo mkhandlu onyakenimali u-2024/2025.
Emacaleni abikiwe angu-127 athinta othisha abalala nabafundi.
UNksz Ella Mokgalane, isikhulu esiphezulu seSACE, uthe kunamacala angu-257 abikiwe othisha abashaya abafundi. Angu-26 othisha abashaya ozakwabo.
"Sikhathazekile ngoba sisazokwanda isibalo samacala abikwayo, uma okwamanje esengu-606 esewonke. Sikhathazekile ngokuthi angu-127 amacala abikiwe othisha abasalala nabafundi. Uma labo thisha betholwa benamacala, bayasuswa ohlwini lokufundisa kuleli," kusho uNksz Mokgalane.
Uthe kube nokubambezeleka ekuphenyweni kwamacala ngoba izinsiza ziyashoda.
"Angu-379 amacala asuka eminyakeni edlule asaphenywa, angakaphothulwa. Amanye asuka onyakeni u-2022. Onyakenimali u-2024/2025, bangu-36 othisha esibasuse ohlwini lokufundisa kuleli," usho kanje.
USihlalo wekomiti leMfundo eyisiSekelo ePhalamende, uNksz Joy Maimela, ukhale ngokuthi asehli isihlava sothisha abasagila imikhuba ezikoleni.
Ubuze ukuthi yiziphi ezinye izinto umnyango ozenzayo kanjalo neSACE kulabo abalahlwe amacala okuhlukumeza abafundi ukuze bangaphinde basebenze nezingane.
UNksz Mokgalane uthe amagama afakwa ohlwini lwabantu abangeke besasebenza nabafundi ngomuso.
"Labo abasuke befakwa kulolu luhlu, abadlwengula abafundi, ababakhulelisayo nabashaya ngenhloso yokulimaza abafundi," usho kanje.
Kulo mhlangano kudalulwe ukuthi mabili amacala aphenywa yiSACE othisha abadlwengula abafundi, elilodwa elikathisha owalala nomfundi esikoleni, awokweshela abafundi namanye okukhulelisa abafundi.
Uveze nokukhathazeka ngothisha abasasebenzisa induku ekubeni yavalwa ngeminyaka yo-1990.
"Sizofuqa umkhankaso wokuthi othisha baziphathe ngendlela ngoba sikhathazekile ngokuthi basashaya abafundi. Abanye basebenzisa ulimi olungafanele kubafundi, nakozakwabo," usho kanje.
Udalule nokuthi kunamanye amacala abawaphenyayo okubalwa awokukhwabanisa imali ezikoleni.
UDkt Reginah Mhaule, iPhini likaNgqongqoshe wezeMfundo, ukhale ngokuthi nabafana bayadlwengulwa, akuwona amantombazane kuphela ehlelwa yile nkinga.
Uthe kunomthetho wezikole iBela obeka kucace ukuthi induku yavalwa kodwa abanye othisha basaqhubeka nokushaya.
Kuvele nokuthi isifundazwe iWestern Caoe yisona esibike amacala amaningi, kulandele iGauteng kuthi endaweni yesithathu kube yiKwaZulu-Natal.
Related Topics: