Izindaba

Intukuthelo kuvalwa ukuhlatshelwa kwamadlozi emaRomeni

Nkosikhona Cele|Published

INHLOKO yebandla lamaRoma Akhatholika, uMbhishobhi omkhulu uMandla Jwara

Image: SITHUNYELWE

ABHOKA ayakhahlela amalungu ebandla lamaRoma Akhatholika athi lingawa licoshwe yizinkukhu - ngeke asivumele isinqumo sokumiswa kokuhlatshelwa kwamadlozi kuleli bandla. Amalungu aleli bandla athelwe ngezibonkolo asephumele obala achaza lesi sinqumo njengesiwubudedengu futhi esithathwe kuxhanyazelwa.

Afanisa isinqumo esithathwe wubuholi bebandla njengebhomu elingaqhuma noma nini maqede liphenduke umlando ibandla lamaRoma Akhatholika.

UMnuz Vusi Mvelase ongomunye wamalungu aqavile eleli bandla uthe udumele kabi ngalesi sinqumo.

Uthe sibehle ngaphezulu futhi namanje akuvumi ukuba bakholwe wukuthi ibandla lifinyelele kulesi sinqumo.

Ufunge wagomela wathi lutho eluthela - ngeke bamane bathule nje bagoqe izandla ekubeni bephucwa into abayifundiswa ngabazali babo futhi abazi ukuthi iyigugu kubona.

"Uma ngishisa impepho kwami angisavumelekile ukuba ngikwenze lokho. Angisavumelekile manje mina ukuba ngikhumbule abangasekho. Ngabe kuyadlalwa ngeke siyivume leyo nto," usho kanjena.

Uqhube wathi bashaya amakhala ngokuthi lesi yisinqumo esithathwe ekomkhulu lebandla lamaRoma.

"Uma kudingeka ukuba lolu daba luze lufinyelele kuPhapha, uLeo XIV, kungamane kube njalo ngeke phela sithule ekubeni sibona kahle ukuthi kudlalwa ngathi lapha," kuchaza yena.

Uthe bona bakhuliswe kuleli bandla bazi ukuthi liyawagcina amasiko futhi angumgogodla wokuphila.

"Thina uma sinemicimbi yokumbulwa kwamatshe simema bona abefundisi bethu bafike bezowabusisa, kodwa manje ngeke besafika! Awungitshele yinto enjani leyo?"

Uthe okunye okumane kwamnenga kakhulu ngencwadi evela ebuholini bebandla, kubhalwe nokuthi kulicala ngisho ukusina. Uthe ukholwa wukuthi abathathe isinqumo abacabanganga kahle okanye bebelwa nesintu sabo.

"Sibaningi kabi esicasukile, asifuni nokuyizwa le nto,'' esho kuzwakala ukuthi uthukuthele.

Esephetha ubuze ukuthi bazothini ebantwaneni babo njengoba babafundisa ngamasiko, kodwa manje gwiqiqi sekumele kuhlatshelelwe elinye iculo.

UMnuz Bhekithemba Maphumulo, naye oyilungu eliqavile lebandla, uthe akakwazi nokuyibala iminyaka eseyikhonze ebandleni lamaRoma, wathi osekwenzeka manje uyakweshwama.

"Mina ngikholelwa kabi ezintweni zesintu. Namanje kuduma ikhanda lapha kimina ngale nto engiyizwile. Iqiniso ukuthi lesi sinqumo kuhloswe ngaso ukuba sisetshenziselwe ukucindezela abazalwane," usho kanjena.

Ulimise ngesihloko elokuthi le nto iyamcika kakhulu futhi ufuna ukubhodla ngayo kungaze kuhambe isikhathi.

"Kungaba ngcono kabi uma sinikezwa ithuba lokuphefumula ngalokhu kungakonakali kakhulu,'' usho kanjena.

Uthe uma kuya ngokuthi lesi sinqumo asiguqulwa ngokushesha kuyobe kusho khona ukushabalala kwaleli bandla.

"Ibuhlungu le nto ezokwenzeka kuleli bandla. Phela ngeke siqhubeke sikhonze ebandleni lapho esazi khona ukuthi abanandaba namasiko ethu," kuchaza yena.

Uthe okumxakayo wukuthi lesi sinqumo kudalwe yini ukuba sithathwe isigubhukane nje. Ubuze ukuthi bekujahweni le engaka ebiphuthunywa.

''Kuyaxaka ukuthi isinqumo esikhulu kangaka kungamane nje kulalwe kuvukwe bese kuthiwa sesithathiwe. Kuyacaca ukuthi leli yibandla labathile thina asinazwi kulona,'' usho kanjena.

Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi lesi sinqumo asifikanga nje nhlobo kahle kwabanye oFata bebandla.

"Phela kuleli bandla kukhona oFata abayizangoma futhi abaziwayo. Uma ke wena uzokhuluma into enje kufana nokuthi uphehla udlame ebandleni inkosi impela,'' kusho umthombo.

Encwadini ebhalwe ngoSepthemba 16, kuvela ukuthi eye into evaliwe wukuthi abazalwane bahambe izangoma, ukuhlaba izinkukhu, ukusetshenziswa kweziwasho, amakhandlela ayimibala, ukubusiswa kwamafutha. Incwadi isayinwe ngokubambisana nguMbhishobhi omkhulu uSiegfriend Mandla Jwara, Cardinal Wilfrid Napier, umqondisi wabaphostoli eShowe; uMbhishobhi Graham Rose waseDundee; uMbhishobhi Stan Dziuba weDiocese yaseMzimkhulu; uMbhishobhi Neil Frank weDiocese yaseMariannhill; uMbhishobhi Thulani Mbuyisa waseKokstad; uMbhishobhi Vusi Mazibuko, waseNgwavuma; kanye noMbhishobhi Elias Zondi weDiocese yaseThekwini.