Emakhazeni
Image: Sigciniwe
LIHLABE ikhwelo ikomiti lezeMpilo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, emindenini edukelwe yizihlobo ukuthi izicinge nasemakhazeni kahulumeni ngenxa yokuthi ziningi izidumbu ezingaziwa eziduve kulawa makhaza.
Ikhwelo lihlatshwe ngusihlalo wekomiti, uDkt Imran Keeka, othe abadukelwe yizihlobo ababike ngokushesha emaphoyiseni.
Uthe abangawashalazeli amakhaza kahulumeni ngoba ziningi izidumbu ezingaziwa.
"Sithole ukuthi zibalelwa ku-900 izidumbu ezisemakhazeni kahulumeni ezingaziwa ukuthi ngezobani. Ezinye zazo selokhu zahlala kusuka ngo-2017," usho kanje emva kokuhambela izikhungo ezigcina izidumbu muva nje.
Uthe kubalulekile ukuthi amaphoyisa asebenzisane namakhaza kahulumeni ukuze kutholakale izihlobo nemindeni yabagcinwe kulawa makhaza.
"Umgomo uthi isidumbu sigcinwa izinsuku ezingu-21, ngaphambi kokuba singcwatshwe uma kungukuthi indawo ikhona kanjalo nemali. Yingakho sinxusa umphakathi ukuthi uye kocinga izihlobo emakhazeni uma kukhona odukile ukuze kwehliswe isibalo sezidumbu eziduve emakhazeni."
Uveze ukuthi bakhathazekile ngokuncipha kwendawo okubekwa kuyona izidumbu ezingenabani.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngisho noMnyango wezeMpilo kuzwelonke, uhlale ukuveza ukuthi eKZN yisona sifundazwe esinesibalo esiphezulu sezidumbu ezingaziwa.
Lo mnyango waveza ukuthi kudingeke ezinye zazo zigcine sezingcwatshwa wuhulumeni.
UNgqongqoshe walo mnyango kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi, waveza ukuthi phakathi kuka-Ephreli 2024 kuya ku-Ephreli kulo nyaka, bangcwabe izidumbu ezingenabani ezingu-3 819.
Waveza ukuthi enye inkinga eyenza kube nezidumbu ezingawiza ngukuthi abantu bakwamanye amazwe, basho amagama okungewona uma besezikhungweni zezempilo okwenza kube nzima ukuthola imindeni yabo uma sebeshonile.
Kwayalelwa izifundazwe ukuthi zisebenzisane namaphoyisa kanjalo nomasipala ukuze kube nezinhlelo ezisheshayo zokungcwaba labo abasuke bengaziwa.
Related Topics: