Abafundi ekilasinj
Image: Sigciniwe
ZIYAQONGA izinkinga ezibhekene noMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, njengoba zingase zingafiki ngesikhathi izincwadi zokufunda kanjalo ne-stationery ezikoleni ngenxa yezinkinga zemali.
Lokhu kungaqubula iziteleka zezinyunyana zothisha njengoba ezinye zezinsiza okubalwa amaphepha okugaya ahanjiswa ungakapheli unyaka, esetshenziswa izikole uma zibhalisa izivivinyo, engase angafiki ngesikhathi ezikoleni ngenxa yokuthi namanje uMnyango kaMgcinimafa wesifundazwe, engakagunyazi ukuthi zithengwe izincwadi.
Inkinga yemali yenze ukuthi kwehle uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, azoba nomhlangano nezikhulu zoMnyango wezeMfundo noMgcinimafa okubalwa noNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Thami Ntuli.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMnyango wezeMfundo kudingeka ushaye indesheni eMnyangweni kaMgcinimafa ukuze ukwazi ukuthenga izinsiza ngenxa yokuthi owezemfundo awukwazi ukusebenzisa imali ungayitholanga imvume kuMgcinimafa.
Umphathi wezezimali eMnyangweni wezeMfundo, uNksz Yali Joyi, ulibeke ngembaba elokuthi njengoba ingakakhishwa imvume yokuthi bafake i-order lezincwadi, kunengcuphe yokuthi zingase zifike ngemuva kwesikhathi.
"Bekumele kuphele uNovemba sezisezikoleni izincwadi ne-stationery sangonyaka ozayo. Uma siphuza ukufaka ama-oda, zingaze zifike ngisho nangoMashi noma ngo-Ephreli, ngonyaka ozayo. Lide ibanga elihanjwayo ngaphambi kokuba izincwadi zifike ezikoleni, njengoba kudingeka ukuthi zi-odwe, ziyiswe endaweni ezigcinwa kuyona, zihlukaniswe bese ziyiswa ezikoleni," usho kanje.
Usho lokhu ekhuluma namalungu ekomiti lezemfundo esiShayamthetho sesifundazwe, lapho ebechaza khona ngezingqinamba zomnyango.
Uveze nokuthi badinga u-R1.2 billion, ukuze bakwazi ukuthenga lezi zincwadi ne-stationery, wathi enye imali izoya ezikoleni ezizithengela izincwadi.
"Imali yokuthenga izincwadi kulezo ezizithengelayo, ifakwa kuma-norms and standards. Kwaleyo mali ngeke ifike ngesikhathi kulezi zikole ngenxa yokuthi sisalinde uMgcinimafa. Silokhu safaka isicelo ekuqaleni kwale nyanga kodwa lutho impendulo."
Kuzokhumbuleka ukuthi ukungafakwa kwemali yama-norms and standards, kwasusa umsindo njengoba kwaze kwaphazamiseka nokubhalwa kwezivivinyo zakwamanye amabanga nyakenye.
Izinyunyana zothisha zazishaya phansi ngonyawo, zifuna umnyango ufake imali yezikole ukuze zikwazi ukusebenza.
ISadtu yaze yavalela izikhulu zomnyango ifuna umnyango ukhokhele izikole. Kwaze kwehla nomqondisi jikelele emnyangweni kazwelonke, uMnuz Mathanzima Mweli, ezobhula umlilo emva kokuba le nyunyana ibhikishe nasembizweni eyayihanjelwe nguMengameli Cyril Ramaphosa, imazisa ngezinselelo eMnyangweni wezeMfundo.
UNksz Joyi ukhale ngokuthi basadinga enye imali ukuze bakwazi ukwenza zonke izinhlelo zabo.
Udalule nokuthi ngendlela isimo esinzima ngayo, abakwazi ukuvala izikhala ngenxa yokunqanyulwa kwesabelomali.
UDkt Imran Keeka we-DA, ubuze ukuthi ngeke yini lezi zinkinga ziphazamise ukubhalwa kwezivivinyo ngenxa yokungafiki ngesikhathi kwemali yama-norms and standards ezikoleni?
Ukhale nangokuthi azivalwa izikhala ekubeni othisha beshoda futhi kwanda nesibalo sabafundi minyaka yonke.
Related Topics: