Izindaba

Inhlansi yethemba emakhosini kwethulwa isiteshi samaphoyisa

Nkosikhona Cele|Published

IMEYA yaseMfolozi, uMnuz Xolani Bhengu, ngesikhathi ebuka isiteshi esingumahambanendlwana

Image: sithunyelwe

KULOKOZA inhlansi yethemba enkingeni yokwenyuka kwezinga lobugebengu ezindaweni zamakhosi ahlukene kuMasipala waseMfolozi ngemuva kokuba kwethulwe isiteshi samaphoyisa esingumahambanendlwana. Lesi siteshi esiKwaMbonambi singesinye kwezine ezethulwa nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli ngenyanga eyedlule.

IMeya kaMasipala waseMfolozi, uMnuz uXolani Bhengu namakhosi abehambele lo mcimbi wokwethulwa kwalesi siteshi okubalwa kubo iNkosi uMthiyane yaKwaSokhulu, iNkosi uMthiyane yaseMaMbuka, iNkosi uMthethwa KwesaKwaMthethwa neNkosi uMbuyazi, amaphoyisa, izinduna, nenhloko yoMnyango wezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi, uMnuz Vuyani Mbesa. Babonge undunankulu emva ngokuzwa isikhalo somphakathi waseMfolozi njengoba iMeya uBhengu ibilokhu ilubike njalo udaba ubugebengu obudlangayo ngaphansi kwalo masipala.

Kwethulwa lesi siteshi nje, kuzokhumbuleka phela ukuthi seziyinsakavukela izigameko zobugebengu ezithusayo ezibikwayo ngaphansi kukalo masipala.

Kuvelile ukuthi lesi siteshi siphelele njengoba kukhona indawo yokugcina oboshiwe, eyokuhlala abasuke bezofuna usizo nokunye kanti kuzoba nohlelo lokuthi sihambele imiphakathi eyehlukene. Wonke amakhosi asho ngazwilinye kwelokuthi ukhona umehluko ozoke ubonakale ngemuva kokuthulwa kwaleso. INkosi yesizwe sakwaMthethwa, uMduduzeni Mthethwa, ithe bahlabeke umxhwele ngokuthulwa ngokusemthethweni kwalesi siteshi. UMthethwa uthe ubugebengu budlangile kule ndawo.

Uthe okumqoka ukuthi kube khona ukusebenzisana okuba khona phakathi komphakathi namaphoyisa ngenhloso yokunqoba ubugebengu.

"Sijabule kakhulu ngalesi siteshi esesizoba khona manje kodwa sinxusa ukuthi kube khona ukubambisana kithina sonke ukuze kunqotshwe ubugebengu. Ngingenile ngaphakathi kule sisiteshi, ngigculisekile kakhulu ngaso. Ngikholwa ukuthi nakanjani sizowenza umehluko emphakathini wakithi,'' kusho inkosi.

UNdunankulu uNtuli ethula omahamba nendlwana beziteshi, wakuchaza njengento emqoka kakhulu ukubaluleka kokuba kube khona okwenziwayo ngenhloso yokulwa nobugebengu kuzona zonke izingxenye ezahlukene zesifundazwe iKwaZulu-Natal. Wagcizelela nokubaluleka kokubambisana phakathi kwezinhlakaza ezhlukene ezimele umphakathi namaphoyisa.

IMEYA yaseMfolozi, uMnuz Xolani Bhengu, ngesikhathi ebuka isiteshi esingumahambanendlwana

Image: sithunyelwe