Izindaba

Umyalelo kwabaka-matric ngokuzibamba ziqine

Mhlengi Shangase|Published

Matric

Image: Sigciniwe

BAYALELWE ukuthi bazibambe ziqine abafundi baka-matric abafuna ukuya emanyuvesi ngonyaka ozayo njengoba ukuphasa nge-Bachelor kuphela, kungasho ukuthi bazongena begijima ezikhungweni.

Laba bafundi bayalelwe ukuba babheke imikhakha abafuna ukuyenza ukuthi idinga amaphuzu amangaki ngaphezu nje kokuthi baphase nge-Bachelor.

UNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uMnuz Buti Manamela, uthe kubalulekile ukuthi abafundi baka-matric abafuna ukuya emanyuvesi, bazi okumele bakulindele ngonyaka ozayo.

"Akumele bashaywe yibhomu uma sebethi ngqu emanyuvesi, bachithwe ngoba kuthiwa amaphuzu awenele. Ukuphasa nge-Bachelor kodwa, akusho ukuthi nakanjani uzongena ugijima kulowo mkhakha ofuna ukuwenza," usho kanje.

Uthe lolu daba lwe-Bachelor, uzoluxoxa nozakwabo weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube.

"Abafundi kumele bazi ukuthi kwamukelwa kuqala labo abanamaphuzu amaningi emanyuvesi. Uma unamancane ungagcina ususala ngaphandle, bese ukhalaza uthi uphase u-matric kodwa wangakwazi ukungena emanyuvesi."

Okunye athe kumele kwaziwe ngukuthi kunesibalo esamukelwa amanyuvesi njalo ngonyaka.

"Uma sekugcwele kulowo mkhakha abakwazi ukwandisa isibalo. Uma ngingenza isibonelo' ngonyaka mhlawumbe sithi sizothatha abangu-10 000 abazokwenza unyaka wokuqala emkhakheni othile kuwona wonke amanyuvesi, uma sesifinyelele kulesi sibalo asibe sisakwazi ukwamukela abanye," kusho uManamela.

Uthe abafundi kumele babheke nasemakolishi amakhono ama-TVET, bangagxili kumanyuvesi kuphela.

Uqhube wathi ngonyaka ozayo bandisa imikhakha emaTVET ukuze inqwaba yabafundi iye kuwona.

"Awangashalazelwa amaTVET ngoba afundisa izinto ezidingwa ngumnotho. Yingakho sinxusa ukuthi abafuna ukufunda baye kuwona." 

Ubalule nokuthi babalelwa ku-815 000 abenza u-matric kodwa ngeke bakwazi ukubamukela bonke ngonyaka ozayo.

"Iqiniso ngukuthi njengoba izikhala zingenele ezikhungweni zemfundo, cishe sizokwazi ukuthatha uhhafu kwababhala u-matric. Lokhu kusho ukuthi sizothatha ababalelwa ku-400 000 kuphela ngonyaka ozayo." 

Khonamanjalo: IKhabhinethi ebihleli kuleli sonto inxuse abafundi abafuna uxhaso kwiNSFAS ukuthi basheshe bafake izicelo njengoba kuvalwa ngoNovemba 15. Inxuse othisha nomphakathi ukuthi usize abafaka izicelo.