Izindaba

Udingisiwe emphakathini owesifazane otholakale ezitetisa endlini yangasese

Nokubongwa Phenyane|Published

ONGOTI bathi kuyenzeka owesifazane akhulelwe kepha zingabonakali izimpawu ezijwayelekile

Image: SIGCINIWE

UDINGISIWE emijondolo yaKwaMasxha, eCato Manor, owesifazane otholakale etetela endlini encane engumahamba nendlwana ngoLwesibili ekuseni.

Lona wesifazane (25) kuthiwa ubevakashele isoka elisha analo kule ndawo njengoba yena eveze ukuthi uhlala eGoli.

Ilungu lomphakathi elikhulume neSolezwe liveze ukuthi bekuyizithuba zehora lesihlanu ekuseni ngesikhathi bezwa lezi zindaba.

“Lona wesifazane uthi ubengazi ukuthi ukhulelwe njengoba ingane kungeyomunye, hhayi lona akade emvakashele. Usitshela ukuthi uzwe ngento iluxuka ngesikhathi esendlini encane wase ebanga umsindo, kwaba khona abamuzwayo bangena kuye. Bathuke boma uma bezwa ingane ikhala kwase kubizwa amaphoyisa, waphuthunyiswa esibhedlela.

"Singamalungu omphakathi, lesi sigameko sisicasule kakhulu ngenxa yokuthi izinhloso zakhe asazi ukuthi beziyini,” kusho ilungu lomphakathi eliveze ukuthi abafuni ukuphinde bambone lona wesifazane endaweni.

Lithe okumenza bamdingise ukuthi uzokwenza into ezoletha isithombe esibi ezinganeni, ezisakhula emphakathini.

“Kwandoda lena abeyivakashele nayo ithuke yoma yathi ibingazi ngokukhulelwa kwakhe, uthi ubeya ezinsukwini lona wesifazane futhi isisu besingakhukhumele. Kukhona abangani bakhe khona endaweni abaveze ukuthi ubeke abatshele ocingweni ukuthi uyasola ukuthi ukhulelwe futhi ingane eyowesilisa ahlukana naye ngoJanuwari, okucacisayo ukuthi isisu sase sihleli behlukana,” kuchaza yena.

Uthe okubi ukuthi lona wesilisa abemvakashele umlaxaze esibhedlela waphela emehlweni akangaziwa ukuthi ushone kuphi.

Amaphoyisa uthe aveze ukuthi alikho icala elizovulwa okwamanje kodwa azonika konke kubaphenyi abazophenya uma kukhona okusolisayo bavule icala.

“Sifuna abhekane nengalo yomthetho ngoba ngokwethu ubezama ukuganga, angeke umuntu onezingane athi ubengaziboni ukuthi ukhulelwe, kanjani? Siyabuyela emaphoyiseni sifuna izigangi ezifana naye zingacabangi ukwenza lokhu lapha emphakathini wethu,” kubhoka elinye lungu lomphakathi. 

Bathe osonhlalakahle ibona ababashiye bekhuluma nalona wesifazane ngokuzokwenza kuye nengane.

Ongoti kwezempilo bathi kuyenzeka umuntu wesifazane azithwale kepha zingabonakali izimpawu ezijwayelekile.