IBHOKISI elinonodoli alacishe lafakwa egodini owesifazane eqamba amanga ethi utete ingane isishonile
Image: SITHUNYELWE
NKOSIKHONA CELE NONOKUBONGWA PHENYANE
AMAPHOYISA KwaZulu-Natal anxusa abantu besifazane ukuba bahlukane nomkhuba wokuqamba amanga mayelana nokuthi bakhulelwe. Amaphoyisa akhiphe lesi sexwayiso ngemuva kokuba owesifazane oneminyaka engu-26 waKwaMagwaza, eMelmoth, eqambe amanga emaphoyiseni ngokuthunjwa kosana lwakhe ekubeni engakaze akhulelwe.
Kuvela ukuthi owesifazane uqambe amanga emaphoyiseni wathi usana lwakhe luthunjiwe ngemuva kokuba eluphucwe ngamadoda amathathu.
Ngemuva kokuba amaphoyisa ethole lo myalezo, enza uphenyo olunzulu ecinga nosana kodwa ngokuhamba kwesikhathi athola ukuthi owesifazane ubeqamba amanga - akekho umntwana wakhe othunjiwe futhi akakaze akhulelwe.
Amaphoyisa athole ukuthi owesifazane ubeqambe amanga kowesilisa athandana naye nasemndenini wakhe ebatshela ukuthi ukhulelwe. Kuvela ukuthi yena futhi ugcine eseqamba amanga amndenini wakhe ewutshela ukuthi siphuphumile isisu.
Kuvela ukuthi ugcine esekhalelwa ngamasongo kaSigonyela wabekwa amacala okuqamba amanga.
Kulindeleke kuthi avele eNkantolo yeMantshi yakhona eMelmoth namhlanje. Ngokwesitatimende samaphoyisa lona bekungowesifazane wesibili kule nyanga nje iyodwa obekwe icala elifanayo. Kunomunye wesifazane oneminyaka engu-21 okuvela ukuthi waqamba amanga wathi udlwengulwe uninalume.
Ngokuhamba kwesikhathi kuthiwa kwavela ukuthi wayeqamba amanga. Lokhu kwenzeke ekubeni esevele eseboshiwe umalume ngecala lokudlwengula umshana wakhe. Isitatimende siqhuba sithi kuwubugebengu obukhulu ukuvulwa kwamacala angekho. Sthe lokhu kuhambisana nokumosheka kwezinsiza zamaphoyisa.
Isitatimende sithi lokhu kuyinkinga ngoba amaphoyisa agcina esemosha isikhathi ephenya amacala angekho ekubeni ekhona amacala angempela enzekile. Amaphoyisa akhipha lesi sitatimende nje, Isolezwe like labika kabanzi ngodaba lowesilisa waseMacambini, eMandeni, okwasala kancane ukuthi angcwabe unodoli.
Owesilisa wakhohliswa ngowesifazane eyethandana naye emtshela ukuthi ukhulelwe. Ngokuhamba kwesikhathi owesifazane wamtshela ukuthi selushonile usana lwakhe.
Ngemuva kwalokho kwabe sekuqalwa amalungiselelo omngcwabo kwambiwa nomgodi kubo kowesilisa.
"Isidumbu sosana" safika ngosuku lomngcwabo. Kuvela ukuthi umfowabo wowesilisa kwasiza ukubhoka kwakhe efuna ukuba kuvulwe ibhokisi ngaphambi kokuba lifakwe emgodini. Owesifazane kuthiwa wayebhoka ekhahlela engafuni ukuthi lokho kwenzeke. Selivulwa ibhokisi "uyise wengane" wakhangwa wunodoli ogqokiswe izingubo.
Owesifazane kuthiwa wacela empunzini. Owesilisa watshela Isolezwe ukuthi lesi sigameko simenze waba nyamanambama emphakathini waseMandeni. Wakhala nangokuthi kuze kwadingeka ukuba ayoshweleza enkosini ngoba wayesembe umgodi, ewumbela into engekho wakhipha nemali eningi enakekela owesifazane ngenkathi ethi uzithwele.
Kuthiwa sekuyinto ejwayelekile ezindaweni eziningi ukuthi abesifazane baqambe amanga ngokuthi bakhulelwe ngoba befuna ukutotoswa amadoda.
Related Topics: