KUPHAKAME imimoya amalungu eMKP Labour Desk ehambele esibhedlela Inkosi Albert Luthuli izolo
Image: DOCTOR NGCOBO/ INDEPENDENT NEWSPAPERS
UPHIKO loMkhonto weSizwe olumele abasebenzi luveza ukuthi kunezinto ezingahambi kahle esibhedlela Inkosi Albert Luthuli Central. Luthi lukholwa wukuthi lezi zinto kumele zilungiswe ngokukhulu ukushesha lokhu kungakonakali.
Izolo lolu phiko lungene kulesi sibhedlela lufuna ukuzibonela konke okuqhubeka kusona kepha lwavinjwa amaphoyisa nonogada.
UMnuz Nkosentsha Shezi, oyilungu lePhalamende kuleli qembu, uthe kuningi abakutholile okubhimbayo ngaphakathi kulesi sibhedlela.
Okuseqhulwini akhale kakhulu ngakho uthe bathole ukuthi bayashoda kakhulu abahlengikazi.
"Sithole ukuthi isibhedlela sibhekene nenkinga enkulu yokushoda kwabahlengikazi. Lesi yisimo esingesihle nje kakhulu nesikholwa wukuthi kumele silungiswe ngokukhulu ukushesha lokhu,'' usho kanjena.
Eqhuba uthe bathole ukuthi bacishe balinganiselwe ku-100 abahlengikazi abashodayo kulesi sibhedlela.
Uthe akumele kuvunyelwe isimo esinjengalesi esibhedlela seqophelo eliphezulu kangaka.
"Iqiniso wukuthi nabasebenzi bakulesi sibhedlela bakhathazekile ngalesi simo esikusona. Inkinga enkulu wukuthi bayesaba abanye babo ukuphumela obala ngezinkinga ezikhona,'' usho kanjena.
BEZIQINILE ezokuphepha ngesikhathi amalungu eMK ehambele eNkosi Albert Luthuli izolo
Image: DOCTOR NGCOBO/ INDEPENDENT NEWSPAPERS
Uveze ukuthi ngesikhathi engaphakathi esibhedlela izolo bekukhona abanye babasebenzi ebebemnikeza uphawu lokuthi wenza kahle afike lapha ngoba kuningi okubhimbayo.
"Inkinga bekungelula ukuthi bakhulume ngokukhululeka,'' kuchaza yena.
Okunye athe kuyabakhathaza kakhulu wukuthi bathole ukuthi kunowesifazane ongowaseZambia osekuphele iminyaka emibili ebambile esikhundleni sokuba ngumphathi wabahlengikazi.
''Awungitshele nje kwenzeka kajani ukuthi umuntu wangaphandle aqokelwe ukuba sesikhundleni esikhulu kangaka?" kubuza yena.
Uthe bavele bakhathazeka kakhulu sebezwa nangezinsolo zokuthi osesikhundleni uwasebenzisa kabi amandla akhe njengoba "sekuphenduke insakavukela ukuxoshwa kwabahlengikazi baseNingizimu Afrika kulesi sibhedela".
''Ngamanye amagama lo mphathi odabuka eZambia uxosha abantu baseNingizimu Afrika ezweni labo ufuna kuqashwe abantu bangaphandle. Awungitshele nje yinto enjani leyo,'' kubeka yena.
UMnuz Calvin Gcabashe naye okulolu phiko lweqembu olubhekele ezabasebenzi uthe bebengeke bathule bagoqe izandla babukele izinto zonakala kulesi sibhedela.
Uthe kuyimanje bafuqa umbhidlango wokuhambela izimboni nezikhungo ezahlukene ukubheka ukuthi bangakanani abantu bokufika abaqashiwe uma kuqhathaniswa nabaseNingizimu Afrika.
Uthe lolu hlelo lwabo baluqale ngoJuni kodwa uthe lubonakala luthela izithelo ezinhle kakhulu. ''Kuyimanje bayafika ku-100 abantu baseNingizimu Afrika asebethole imisebenzi ngenxa yalolu hlelo esilwenzayo,'' kuchaza yena.
AMALUNGU eMK eyohlola isimo esibhedlela Inkosi Albert Luthuli lapho ekhala khona ngokuntuleka kwabahlengikazi
Image: DOCTOR NGCOBO/ INDEPENDENT NEWSPAPERS
UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uthe zonke lezi zinsolo ezenziwayo kuhloswe ngazo ukudicilela phansi isithunzi soMphathiswa woMnyango uNksz Nomagugu Simelane.
Siqhuba isitatimende somnyango siveza ukuthi unesipiliyoni owesifazane waseZambia oqokelwe kulesi sikhundla futhi uqale ukusebenza kulesi sibhedlela ngo-2015.
Related Topics: