Izindaba

Kwakungamele sithembele kwiMelika ngoxhaso lweHIV - Mashatile

Mhlengi Shangase|Published

Imishanguzo

Image: Sigciniwe

IPHINI likaMengameli, uMnuz Paul Mashatile, liphumele obala lathi kwakungamele elakuleli lithembele kuhulumeni waseMelika ngoxhaso lokulwa nokubhebhetheka kwe-HVI/AIDS.

UMashatile uthe sesifikile isikhathi sokuthi izwe lidlinze ngomcabango ukuze liphume nomkhombandlela wokuthi kusadingeka yini ukuthembela kwamanye amazwe ukuze axhase elakuleli.

"Kwakungamele sithembele eMelika isikhathi eside kanje ukuthi isize ezinhlelweni zokulwa ne-HIV/AIDS kuleli. Lokhu kusifake enkingeni njengezwe elizimele njengoba sesishayeka. Ayiningi nokho imali esixhaswa ngayo yiMelika njengoba cishe bekungu-R8 billion kuphela," usho kanje.

Uthe akumele izwe libuyele emuva ezintweni ezithinta ingculazi kodwa kumele liqhubeke nokuhlinzeka ngemishanguzo noma lungasekho uxhaso lwaseMelika.

Ukusho lokhu izolo ephendula imibuzo eNdlini yoMkhandlu weziFundazwe ePhalamende.

Ukhulume kanje kulandela ukuhoxiswa koxhaso lweMelika, obelusiza kakhulu empini yokulwa ne-HIV nengculazi kuleli.

UMashatile uveze nokuthi ngeke bavume ukuthi kuphele ngohlelo lokufukula abantu abamnyama kwezamabhizinisi.

"Ngeke sivume ukuthi kuphele ngalo mgomo wokufukula osomabhizinisi abamnyama ngoba baningi abazuzayo. Lo mgomo akuwona onomthelela ekutheni kwande isibalo sabantu abangasebenzi kuleli. Ziningi izinto ezidala ukuthi kwande abantu abangasebenzi kuleli. Ngeke ngivume ukuthi kubuye imithetho yobandlululo."

Ubuye wakhala ngesikweletu somasipala ezinhlanganweni ezibahlinzeka ngamanzi kuleli.

Uveze ukuthi le nkinga iyabakhathaza ngoba abanye omasipala bayayiqoqa imali.

"Isikweletu sakamuva siveza ukuthi omasipala bakweleta u-R25.6 billion, izinhlangano ezihlinzeka ngamanzi kuleli. Lokhu kwenza ukuthi lezi zinhlangano ziguqe ngamadolo," usho kanje.

Uthe amanzi amaningi aphelela emhlabathini, awafinyeleli komasipala.

"Kunenkinga enkulu kuleli yokuthi amanzi amaningi ayavuza, aphelela emhlabathini okwenza ukuthi angafinyeleli kubantu. Le nkinga idinga ukusukunyelwa ngokushesha."