KUSUKA kwesobunxele nguNksz Sindi Shangase, Dkt Ntando Duze, Nksz Lindiwe Mnyandu noMnuz Andile Mnyandu
Image: NKOSIKHONA CELE
IBHODLA umlilo futhi ifuna izimpendulo imindeni yezihlobo ezigcine zidlula emhlabeni ngenxa yokumiswa kukadokotela wenhliziyo esibhedlela eLife Westville. Le mindeni ithi ikholwa wukuthi ngabe basawadla anhlamvana abathandiweyo bayo ukube akuzange kumiswe uDkt Ntando Duze.
Isolezwe emasontweni edlule, libike kabanzi ngokumiswa kukaDuze. Labika nangesiteleka seziguli esasingaphandle kwalesi sibhedlela.
Iziguli zazilimisa ngesihloko elokuthi zimfuna ebuyile uDuze ngoba zikholwa ukuthi kukhona okushaya amanzi ngokumiswa kwakhe. UDuze wamiswa isigubhukane kulesi sibhedlela maqede kwangacaca kahle ukuthi kungani amiswa.
UDuze wasola inhlese yokucwaswa ngokwebala wase evula necala lokudicilelwa pansi kwegama lakhe amaphoyiseni.
Ngemuva kokuba uDuze emisiwe, Isolezwe lithole ukuthi iziguli ebezelapha zisale dengwane zingasalutholi usizo kulesi sibhedlela. Lokhu kusolakala sengathi yikhona kanye okugcine sekuholela ekutheni kube khona ezigcina zidlula emhlabeni. Izolo le mindeni ikhiphe konke okusezinhliziyweni zayo ngesikhathi ikhuluma nabezindaba eCoastland Hotel, eThekwini.
Umndeni kamufi, uMnuz Bhekithemba Mnyandu, ukhala ezimathonsi ukhomba ngenjumbane lesi sibhedlela ngaleli phutha. Obekhulumela lo mndeni, uMnuz Andile Mnyandu, uthe okwenzeke kulesi sibhedlela uyokuxoxela amagwababa echobana.
"Angikaze mina ngiyibone into enjengalena, ukuthi sekungaze kuphume umphefumulo nje impela ngenxa nje yokuthi kukhona abantu abavimbe udokotela osiza abantu ukuba angawenzi umsebenzi wakhe," usho kanjena ebonakala nasebusweni ukuthi uphatheke kabi.
Uveze ukuthi ilungu labo lomndeni beliba ngcono njalo uma kade libone uDuze. Umndeni kamufi, uMnuz Zakhele Nxumalo, uthe ugqemeke engaqiwa ntwala ngokumiswa kukaDuze. Ulimise ngesihloko elokuthi ngabe lo mshophi ukude kabi nabo ukube akuzange kumiswe uDuze.
Okhulumela lo mndeni, uNkk Sindi Shangase, uthe bafe olwembiza ngokumiswa kukaDuze ngoba ngabe lisaphila ilungu labo ukube akazange amiswe.
"Hheyi yaze yabuhlungu nansi into egcine isivelela emndenini wethu. Okubuhlungu kunakho konke nje ukuthi namanje isibhedlela asikaze sisinikeze incazelo ecacile mayelana nokumiswa kukaDuze," echaza.
Ekhuluma neSolezwe, uDuze uthe namanje usadukuza ebumnyameni ngokumiswa kwakhe. Uthe kumlimazile kakhulu emphefumulweni wakhe ukuthola izindaba ezimshaqisile zokuthi zigcine zishonile iziguli zakhe.
"Akuvumi ukuthi ngikhulume kakhulu ngale nto egcine yenzeka. Kodwa engikwaziyo ukuthi bebengeke baze bashone laba ukube bengikhona," usho kanjena ngamafuphi.
Ngaphambilini, isibhedlela satshela Isolezwe ukuthi luyasetshenzwa udaba lukaDuze futhi kusakhona nophenyo oluqhubekayo.
Related Topics: