Izindaba

Kufe abahlanu kuginqika itekisi kuN1 ngaseMidrand

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kubukwa ukuthi kuginqike itekisi ku-N1 North phakathi komgwaqo uBuccleuch Interchange no-Allandale Road, eMidrand.

Image: JMPD

UMnyango Wamaphoyisa kaMasipala waseJohannesburg (JMPD) weluleka abashayeli ngokuphazamiseka  kwezimoto emgwaqweni onguthelawayeka u-N1 North kulandela ingozi ebulale abantu abahlanu.

Kubukwa ukuthi kuginqike itekisi ku-N1 North phakathi komgwaqo uBuccleuch Interchange no-Allandale Road, eMidrand.

Abezimo eziphuthumayo kanye nabezomthetho basendaweni yesigameko. Ingozi iholele ekulimaleni abantu abaningi kanti ngokudabukisayo, bahlanu abashonile.

Umzila oya kwesokudla uvaliwe njengamanje, abashayeli bezimoto bangalindela ukubambezeleka okukhulu kuzo zombili izinkomba kuthelawayeka u-N1. I-JMPD yeluleka  bonke abasebenzisi bomgwaqo ukuthi bagweme lesi sigaba sikathelawayeka futhi bafune eminye imizila.

Kunxuswa abashayeli ukuba basebenzise eminye imizila ukugwema isiminyaminya

Image: JMPD