Zivelile izithathdani ngecala lokubulala owesilisa phambi kwengane yakhe
Image: FACEBOOK/RUSA
Izithandani ezineminyaka engu-34 ezibhekene necala lokubulala ngesihluku owesilisa waseShakas Head - eKZN, zizogcinwa izinsuku eziyisikhombisa (7) esitokisini samaphoyisa aseMhlali eKZN.
Laba bashadikazi bavele eNkantolo yeMantshi Kwadukuza. Bobabili baboshwe emkhankasweni wamalungu eReaction Unit South Africa (RUSA) ngoMsombuluko ntambama. AbeRUSA balunywe indlebe balunywa indlebe ngezinhlelo zalezi zithandani zokweqa nengane yazo eneminyaka emithathu zilibangise eRichards Bay.
Ngokusho kokhulumela iRusa, uMnuz Prem Balram, abasolwa babulale uMnuz Doctor William Mputhi (34) besebenzisa isikela.
“Umufi ubulawe ngesikela, phambi kwendodakazi (6) yakhe ngezithuba zango-6:30 ntambama ngoMgqibelo. Bathe uma beqeda ukwenza isigameko, abasolwa ebebehamba neyabo indodakazi (3), babaleka nalo isikela ebelihambe liconsa igazi,” kusho uBalram.
Uthe umufi uqinisekiswe njengoseshonile ngesikhathi efika emtholampilo wasoThongathi wathi bona bathintwe umkhwekazi kamufi izolo ekuseni, ebabikela ngesigameko, esho nokuthi unovalo lokuthi abasolwa bangahle babaleke unomphela, bangaphinde batholakale.
“Onogada bethu babe sebesabalalisa ulwazi ngabasolwa abafunwa uthuli ezinkundleni zokuxhumana, maqede kwalandela inqwaba yemikhondo,” usho kanje.
Uthe bagcine belandela umkhondo obubakhomba endlini enamagumbi ayisihlanu okulala eseShaka’s Head.
Bazobuyela ngelizayo enkantolo icala lezithandani ezibhekene nelokubulala
Image: facebook/RUSA
“Bebebhace khona ngesikhathi besazama ukuthola imali yokubaleka kule ndawo edume ngokuba yisidleke sobugebengu,” kusho uBalram.
Uthe onogada babo baqale bavala zonke izintuba zokungena nokuphuma kule ndawo. Uthe babe sebebukisisa umnyakazo wabantu abangu-10 abahlala kulo muzi, ebebeziphethe ngendlela esolisayo.
“Emva kokubukisisa isikhashana, kube sekubonakala umsolwa wesifazane egone indodakazi (3) yakhe. Onogada babe sebegasela kulo muzi, bambopha. Emva kwemizuzwana, kube sekutholwa umyeni wakhe ezimboze ngenqwaba yezingubo phansi ekameleni. Uqale wagoloza ukuboshwa kodwa kwangamsiza,” kusho uBalram.
Uthe babe sebebiza amaphoyisa aseMhlali, ababopha ngokusemthethweni.
Imizamo yokuthola umndeni kamufi ayiphumelelanga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Paul Magwaza, ukuqinisekisile ukuthi likhona icala lokubulala elivulwe esiteshini samaphoyisa saseMhlali.
Laba bathathe isiphakamiso seMantshi sokufaka isicelo sommeli wamahhala nokuyisizathu sokuhlehla kwecala labo. Bazobuyela enkantolo ngomhla ka10 kwephezulu ukuze kuqinisekiswe ummeli wabo.