ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini
Image: Sigciniwe
ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sizokhumelana umlotha nodadewabo esambiza ngaphansi kweziketi, uMntwana uNomkhosi kaZwelithini.
INdlunkulu kaZulu ibize umhlangano lapho iMbube izothelelana amanzi noMntwana uNomkhosi.
Umhlangano ozokuba namhlanje umenyezelwe okhulumela iSilo, uMntwana uThulani Zulu. Kwashaqeka abaningi ngasekuqaleni kwalo nyaka ngesikhathi kusabalala inkulumo eqoshiwe, lapho kuzwakala khona iSilo sichapha uMntwana uNomkhosi.
IMbube noMntwana uNomkhosi abasesigodlweni kwaKhangelamankengane, baphuma esibelethweni seNdlovukazi eyayibambe ubukhosi bukaZulu, uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu.
Enkulumeni eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana, kwakuzwakala uMntwana uNomkhosi elokhu ebabaze njalo ukuthi iMbube imthuka ngeNdlovukazi ebazalayo.
Kule nkulumo kwaphinde kwangena negama likasomabhizinisi oganwe eNdlunkulu, uMnuz Moses Tembe.
UTembe uganwe wuMntwana uNtandoyesizwe kaZwelithini, naye ozalwa yiNdlovukazi uShiyiwe.
Nakuba kungacaci ukuthi igama likaTembe langena kanjani engxabanweni, kodwa kwakulokhu kuzwakala iMbube ithi 'umtshele uTembe ukuthi ngizomthola'.
UMntwana uThulani uthe sabashaqisa kakhulu lesi sigameko.
"Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kube nesimo esingesihle ngaphakathi esigodlweni kwaKhangelamankengane. Umphumela walesi simo kwaba wukuphendulana ngamazwi angemahle ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana kwaze kwachaphazeleka nomkhwenyana waseNdlunkulu."
Emva kokusabalala kwenkulumo kwabizwa umhlangano waseNdlunkulu lapho kwabhungwa khona ngalolu daba.
Namazinyane akwaKhangelamankengane akhipha isitatimende agxeka ukusebenzisa kweSilo ulimi oluqosheme.
UMntwana uThulani uthe iNdlunkulu ibilokhu imatasa izama ukulungisa lolu daba, wathi sebefisa ukuba kube nemhlambuluko ukuze lufinyelele emaphethelweni..
"Emuva kokuhlala kweNdlunkulu ilungisa lolu daba izigaba ngezigaba, isifinyelele ekutheni ngoLwesine (namhlanje) kudlulwe esigabeni senhlambuluko ukuze kuvalwe leli khasi elingabanga lihle eNdlunkulu nasesizweni. Amakhanda ezindlu, abaNtwana baseNdlunkulu neNdlunkulu bayamenywa ukuba babe yingxenye yalo mhlangano."
Related Topics: