OBEDUKILE, uMnuz Nkanyiso Zondi, otholakale ekopolotwe amehlo
Image: SITHUNYELWE
UFUNA izimpendulo umndeni wowesilisa waseSweetwaters, eMgungundlovu, ngelungu lawo elitholakale likopolotwe amehlo lashiswa ubuso emva kokuphela amasonto lidukile. UMnuz Nkanyiso Vincent Zondi (32), kuvela ukuthi ugcine kubo ngoJulayi 23, ephume engumuntu oya edolobheni.
Umfowabo, uMnuz Glen Zuma, utshele Isolezwe ukuthi bafuna ubulungiswa ngokufa kukamfowabo. Uthe bebona kuphela usuku engabuyi ekhaya, bamshayele kaningi ucingo kodwa bengamtholi.
Uqhube wathi baqhubeka belokhu bemzama kwaze kwabacacela ukuthi akabuyi, base beyobikela amaphoyisa ngokuduka kwakhe, kwavulwa necala.
"Sanquma nokuyomcinga ezibhedlela eziseMgungndlovu, saya eNorthdale sangamthola. Saqhubeka saya naseGrace, nakhona sangamthola,'' usho kanje.
Uthe bathathe isinqumo sokuthi bambheke nasemakhazeni.
''Sigcine sesimthola amakhazeni kahulumeni akhona eMgungundlovu, ngoLwesihlanu odlule.''
Uthe kodwa bathuke boma uma bethola isidumbu siyinto abangayazi nabo.
''Impela bekubonakala ukuthi yisidumbu sikamfowethu kodwa kusethusile kakhulu ukumbona ekopolotwe amehlo womabili. Sithe sisaxakwe yilokho sathola ukuthi ubuso bakhe bushisiwe ngento engathi i-acid.''
Uthe babuze abamakhaza ukuthi njengoba isidumbu sikubona nje, sifike kanjani?
''Basitshele ukuthi isidumbu silethwe ngabesibhedlela iNorthdale. Kusixakile kakhulu lokho ngoba sasikade siqale khona kulesi sibhedlela kodwa sangamthola,'' usho kanje.
Uqhube wathi banemibuzo eminingi ngokufa kukamfowabo, waveza ukuthi umzimba wonke kuyabonakala ukuthi waqala washaywa ngaphambi kokuba abulawe.
''Siyazibuza siyaziphendula nje ukuthi ubani ongenza into enesihluku esinjena kumfowethu. Lona ngumuntu obenokuthula engazwani nokukhuluma futhi ebathanda abantu, yingakho sididekile ngokuthi ubani lona owenze into enjengalena kuyena.''
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal,uLieutenant Colonel Paul Magwaza, ukuqinisekisile ukubulawa kukamufi.
Uthe amaphoyisa asePrestbury, eMgungundlovu, aphenya icala ngokubulawa kowesilisa. "Kusolakala ukuthi lo wesilisa wahlaselwa ngabathile bamlimaza, wagcina ngokushona."
Related Topics: