LIZOGAYA ngomunye umhlathi emkhosini woMhlanga njengoba kuzoba nemigomo ngokushutha ngamafoni
Image: Sigciniwe
ANGEKE besavunyelwa ukushutha neSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, abagqoke izikhindi nophaqa.
Okhulumela iSilo, uMntwana uThulani Zulu, uthe abantu abagqoke ngendlela engahloniphekile, ngeke bavunyelwe ukuba basondelene eduze kweMbube.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma ngamalungiselelo oMkhosi woMhlanga ozoba sesigodlweni eMashobeni, ngoSepthemba 12.
UMntwana uThulani uthe kulo mkhosi kuzoqiniswa kakhulu imigomo kubantu abashutha ngamafoni.
Uthe okwenza baqinise imigomo ukuthi abantu bagcina sebeshutha nezinto okungafanele bazishuthe.
Uqhube wathi ezinye izinto ezishuthwa abantu zibeka engcupheni ukuphepha kweMbube, wathi ezinye zehlisa isithunzi seSilo.
Ukhale nangokuthi kukhona abantu abangazikhethi izinto okufanele bazishuthe.
"ISilo samaZulu siwuSimayedwa njengelanga, lona limi lodwana. Abantu bafuna ukuthi babonakale ukuthi baseduze neNgonyama. Bangena namafoni lapho kukhona khona iNgonyama. Abanye bathanda nokushutha neNgonyama. Abantu bashutha yonke into bese beyifaka ezinkundleni zokuxhumana. Yebo siphila esikhathini samanje kodwa inhlonipho ibalulekile. Akufanele iSilo noma senzani, iSilo noma siyakhwehlela, nampa abantu bayashutha."
Uthe abanye balaba bantu abathanda ukushutha neSilo basuke begqoke ngendlela engahloniphekile.
UMNTWANA uThulani Zulu omemezele ukuthi kuzoqiniswa imigomo kwabashutha ngamafoni eMkhosini woMhlanga
Image: Sigciniwe
"Uyabona uMdlokombane, angithandi ukuqhathanisa kodwa kukhona into engangiyibheka. Wawuthi uma ufuna ukuyoshutha naye ungalifakile ibhantshi, athi cha ngeke ushuthe nami ungalifakile ibhantshi. Manje abantu bagqoka izikhindi nophaca. Abanye baphatha nje izipho ezingatheni ngenxa nje yokuthi bafuna ukushutha neSilo. ISilo siyiNkosi yesizwe samaZulu, emhlabeni wonke jikelele. Siqhamuka le e-UK la iSilo esifike sikhothanyelwe khona. UMdlokombane sasihamba naye lapha emazweni ase-Afrika, lapho ayekhothanyelwa khona. Akufanele la bese kuba ithina futhi esenza izinto ezehlisa iSilo isithunzi."
Uthe ezinye izithombe ezifakwa ezinkundleni ziveza nezigodlo.
"Akufanele abantu bazi ukuthi isigodlo simi kanjani, bazi nokuthi iNgonyama ingena kanjani ngenxa yokuthi abantu bayashutha bese befaka ezinkundleni zokuxhumana."
Uthe bazothathelwa izinyathelo abazoshutha izinto okungafanele bazifake ezinkundleni zokuxhumana.
"Sizobheka ukuthi ayikho yini imithetho abayiphulayo elawula ukusebenza kwabezindaba."
Related Topics: