Izindaba

Indida kungqongqa indlu eduze nelawu leSilo esigodlweni

Sabelo Nsele|Published

ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, okushe indlu eseduze kwelawu laso esigodlweni esisha, eMashobeni

Image: Facebook

SEKUQUBUKE indida ngokungqongqa kwendlu esigodlweni seSilo esisha okuthuthelwe kuso uMkhosi woMhlanga.

Ukusha kwendlu eseduze nelawu leSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini esigodlweni eMashobeni, kubashiye nemibuzo engaphenduleki abaseNdlunkulu.

Ngokuthola kweSolezwe le ndlu ehlala amaphoyisa, ishe yangqongqa ngoMsombuluko ebusuku.

Umthombo uthe amaphoyisa agada iMbube acishe asha aphela kulo mlilo okungacaci kahle ukuthi udalwe yini.

Umthombo osondelene nodaba uthe kusize ukuthi amaphoyisa adubule umnyango ukuze athole intuba yokuphuma.

"Aphume kanzima amaphoyisa ngoba umlilo uvele washa ubuhanguhangu."

Omunye umthombo waseNdlunkulu uthe kuyakhathaza ukusha kwendlu ikakhulukazi njengoba indlu eshile iseduze nelawu leSilo.

"Cishe sezwa okunye laphaya. Kulula ukuthi umlilo ubungokheleka kwezinye izindlu njengoba zisondelene futhi zifulelwe ngotshani. Okukhathaza kakhulu wukuthi le nto yomlilo isithanda ukuxaka eNdlunkulu. Uma uzokhumbula nakwaFihlinqindi (emzini wengwevu yaseNdlunkulu, uMntwana uPhilemon kaTshelendoda kaDinuzulu), sekuze kwasha kabili. Kufanele ibhekisiswe le nto. Kukhona okungalungile."

Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela iSilo, uMntwana uThulani Zulu, ayizange iphumelele.
Akucaci ukuthi ngesikhathi kusha iMbube ibikuphi.

Ngesikhathi efonelwa, uMntwana uThulani ukhale ngokuthi uphuthuma emhlanganweni.

Uthembise ukufonela intatheli emva kwemizuzu eyishumi, akabange esalubamba ucingo  esephinde efonelwa.

Kusha indlu nje ngempelasonto bekukade kunoMkhosi weSivivane kuso lesi sigodlo.

Kulo mkhosi iMbube imemezele ukuthi yonke imikhosi yaseNdlunkulu emikhulu isizobanjelwa esigodlweni esisha.

Phakathi kwemikhosi emikhulu ezobanjelwa khona kubalwa noMkhosi woMhlanga, ozokuba ngoSeptemba 12.

UMkhosi woMhlanga ububanjelwa esigodlweni eNyokeni kule minyaka engu-40 eyedlule.

Ukususwa komkhosi eNyokeni sekudale itwetwe lokuthi isakhiwo sezintombi sezigidi zamaRandi esisanda kuphothulwa kulesi sigodlo ngeke sisasetshenziswa.

Isakhiwo sika-R154 million esinendawo ekwazi ukumumatha abantu abangu-2 000, izindawo zokushintsha, amahhovisi nendawo yokupaka izimoto, sisanda kuphothulwa.

Le sakhiwo sezintombi saqalwa ngo-2014 ngesikhathi kuphethe iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.

Ukwakha bekushaya ngolonwabu.

Bekubhekwe ukuthi isakhiwo sisebenze okokuqala uma sekunomkhosi wakulo nyaka.

Khonamanjalo ikomiti lasesiShayamthetho KwaZulu-Natal elibhekele ukusebenza koMnyango weMisebenzi yoMphakathi, liye kohlola isakhiwo esisha.

USihlalo wekomiti, uMnuz Nhlanhla Msimango, uncome umsebenzi owenziwe yizinkampani ebezakha isakhiwo esisha.

UMsimango uthe lezi zinkampani zenze umsebenzi oseqophelweni eliphezulu.