ISAKHIWO sezintombi sika-R154 million esisanda kuphothulwa esigodlweni eNyokeni
Image: Willem Phungula
BAPHITHENE amakhanda abaholi bakahulumeni waKwaZulu-Natal ngesakhiwo sezintombi sika-R154 million esisanda kuphothulwa esigodlweni eNyokeni okungacaci ukuthi kuzokwenzekani ngaso njengoba uMkhosi woMhlanga usuzobanjelwa esigodlweni eisha seSilo eMashobeni.
UMnyango weMisebenzi yoMphakathi KwaZulu-Natal kanye neDA bathe banethemba lokuthi isakhiwo ngeke sigcine sisele kanjalo, singasetshenziswa muntu.
UMphathiswa woMnyango weMisebenzi yoMphakathi, uMnuz Martin Meyer, uthe isakhiwo bese siphothuliwe.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nesiteshi sethelevishini esikhokhelwayo.
Le sakhiwo sezintombi saqalwa ngo-2014 ukwakhiwa ngesikhathi kusaphethe iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
Ukwakhiwa kwaso bekushaya ngolonwabu.
SIBUKEKA kanjena ngaphakathi isakhiwo sezintombi esisanda kuphothulwa eNyokeni
Image: KZN Public Works
Inhloso yaso kwakuwukonga imali esetshenziselwa ukuqashela izintombi amatende uma kunoMkhosi woMhlanga.
Isakhiwo sinendawo ekwazi ukumumatha abantu abangu-2 000, izindawo zokushintsha, amahhovisi nendawo yokupaka izimoto.
Isakhiwo simbozwe ngothayela. ISilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, simemezele ukuthi umkhosi wakulo nyaka uzokuba sesigodlweni eMashobeni, oPhongolo.
UMeyer uthe isakhiwo esisha bekufanele sisebenze okokuqala eMkhosini woMhlanga wakulo nyaka ozokuba ngoSepthemba 12.
"Kade nje bengithumelela izithombe zesakhiwo esisha. Engingakusho wukuthi sihle kakhulu le sakhiwo futhi bese silangazelele ukubona isakhiwo siqala ukusebenza."
UMeyer uthe iSilo sinelungelo lokunquma ukuthi imikhosi izobanjelwa kuziphi izigodlo.
Uthe bathandazela ukuthi isakhiwo singasali kanjalo.
"Lesi sakhiwo sizolekelela abantu bakwaNongoma. Ngiyathemba ukuthi ikhona enye indlela esizosetshenziswa ngayo."
UMeyer uthe uhulumeni wesifundazwe uzokuba nezingxoxo neSilo ngalolu daba.
"Undunankulu (uMnuz Thami Ntuli) usazisile ngesinqumo seSilo, wasitshela ukuthi usazokuba nezingxoxo neMbube ngalolu daba."
Okhulumela i-DA kwezeMisebenzi yoMphakathi, uNksz Tammy Colley, uthe sebebhalele uNtuli, becela ukuthi isakhiwo esisha singasali kanjalo.
"Siyakuvuma ukuthi iSilo sinegunya lokunquma ukuthi imikhosi kufanele ibanjelwe kuphi nendawo. Kodwa ke into esingeke siyibalekele wukuthi lapha kusebenze imali yomphakathi kwakhiwa eNyokeni. Manje isakhiwo sesiphothuliwe. Sinokwesaba ukuthi le sakhiwo sizogcina singasebenzanga futhi sizogcina singasanakekelwa."
Uthe:"Kufanele sichazelwe ukuthi kuzokwenzekani ngale sakhiwo njengoba uMkhosi woMhlanga usuzobanjelwa esigodlweni esisha. Yingakho sifuna incazelo kundunankulu, uMnyango weMisebenzi yoMphakathi obuwakha isakhiwo esisha, kanye noMnyango wezobuCiko namaSiko okuyiwo okhokhele isakhiwo esisha."
ISAKHIWO sezintombi esisanda kuphothulwa esigodlweni eNyokeni
Image: KNZ Public Works
Related Topics: