UMNTWANA uThulani Zulu omemezele usuku olusha loMkhosi weSivivane
Image: Sigciniwe
UKHONJWE eduze uMkhosi weSivivane ohlehliswe wukwehla komshophi eNdlunkulu kaZulu.
Umkhosi obekufanele ube ngempelasonto eyedlule usuzoba kuleli sonto.
Lezi zindaba zimenyezelwe okhulumela iSilo, uMntwana uThulani Zulu.
UMntwana uThulani uthe uMkhosi weSivivane uzoqala ngoLwesine uze uphothulwe ngoMgqibelo.
Umkhosi wahlehliswa emva kokushona kwabaNtwana uTutu Wiseman noLungile.
Bobabili abaNtwana basendlini yaseCishengiphume bangabazukulu boMntwana uMpikayivuswa Ngidi kaDinizulu.
UMntwana uTutu, obeshayelela iSilo, washona engozini yemoto.
UMntwana uLungile yena kusolwa ukuthi wamelwa yinhliziyo emva kokubikelwa ngokushona koMntwana uTutu.
UMntwana uThulani uthe umkhosi uzoqhubeka kuleli sonto esigodlweni eMashobeni.
"Kuzoba yingqophamlando lena njengoba kuzoba okokuqala ukuthi umkhosi ube sesigodlweni eMashobeni. Isigodlo eMashobeni yisona sigodlo seSilo esisesihlalweni."
UMntwana uThulani uthe uMkhosi weSivivane ubalulekile kakhulu esizweni.
"Kufundiswa abesifazane izifundo ezibalulekile zokuphila, nokubhekana nezinselelo zabo njengabakhi bamakhaya nemiphakathi. Emkhosini abesifazane badlulisela izithungo eSilweni, bese iMbube yethula inkulumo yosuku. Kunxuswa bonke abesifazane abasesigabeni sokuhamba umkhosi ukuba babe yingxenye yalo mkhosi omqoka kangaka."
UMntwana uThulani uthe amalungiselelo omkhosi ahamba kahle kakhulu.
"Sibonge ukubambisana okuhle noMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal kanye nezinye izinhlaka esibambisene nazo. Sibambisene nobuholi bomdabu kanye nomasipala."
Related Topics: