Izindaba

Kudlule owaseNdlunkulu obesanda kuhlanganisa iminyaka engu-102

Sabelo Nsele|Published

UMntwana uHenrietta kaSolomon ehalaliselwa iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini ngesikhathi egubha usuku lokuzalwa

Image: Facebook

IPHINDE yagqemeka udume lwengozi iNdlunkulu kaZulu emva kokuguqa koMntwana uNtombibomvu Sithuli Henrietta kaSolomon Khuzwayo (102).

UMntwana uHenrietta ushonele esibhedlela eNkonjeni, oLundi, izolo.

Ubesanda kujabulela ukuhlanganisa iminyaka engu-102, ngo-Ephril.

Ufulathela nje iNdlunkulu isazikhotha amanxeba emva kokushona kukaNdlunkulu waseNxangiphilile, uThoko MaNtombela Zulu.

UNdlunkulu uMaNtombela ushone ngenyanga eyedlule.

UNdlunkulu uMaNtombela ugane owayebambe ubukhosi bukaZulu ngaphambi kokubusa kweSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, uMntwana uMcwayizeni Zulu.

Okhulumela iSilo, uMntwana uThulani Zulu, uthe bezwa ubuhlungu obuphindiwe njengoba sekuphinde kwashona uMntwana uHenrietta.

UMntwana uHenrietta bese kuwukuphela kwakhe osadla anhlamvana ebantwaneni beSilo uSolomon kaDinuzulu.

UMntwana uThulani uthe kunzima ukwamukela ukuhamba ngokulandelana kwezinsika zaseNdlunkulu.

"Nakuba uMntwana egodukile, njengelunga eliqavile nelidala kakhulu eNdlunkulu kaZulu, iNgonyama uMisuzulu kaZwelithini ikhalela iNdlunkulu neziNdlu zonke zeNkosi, uMndeni wakwaKhuzwayo neSizwe sonke. Ithi akwehlanga lungehli. Sengathi engalala ngokuthula oweNdlovu."

Ibandla abekhonza kulo, i-UCCSA, lidlulise amazwi enduduzo.

Obambe kwesokuphatha ibandla oLundi, uMfu Mthobisi Sibanda, uthe ngeke bawakhohlwe amagalelo woMntwana uHenrietta.

"NgoLwesibili saba nenkonzo yokumkhulekela. Ubethandwa kakhulu. Ubaziwa ngokuba nozwelo  nokukhathalela abanye. Sizwelana kakhulu neNdlunkulu kaZulu, umndeni nebandla lonke kulesi sikhathi esinzima."

UMntwana uHenrietta uzofihlwa emathuneni asoLundi, ngoMgqibelo.

Inkonzo yomngcwabo izokuba seSt Joseph, eB North, khona oLundi.