Izindaba

ISilo nekhwelo lokuqedwa kwendlala sivunywa kwelamaNgisi

Sabelo Nsele|Published

ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sihlonishwe ePhalamende lase-United Kingdom. IMbube ichonywe uphaphe ngeqhaza layo ekugcinweni kwamasiko

Image: Facebook

ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini siphonsele inselelo abaholi ukuba balwe nendlala ngesikhathi sihlonishwa ePhalamende lase-United Kingdom.

IMbube ithe ifisa ukuchonywa kwayo uphaphe lwegwalagwala ePhalamende lamaNgisi, kube yisibani esizokhanyisela abantu ababhuqwabhuqwa yindlala.

Ikusho lokhu emva kokuhlonishwa kwayo, ngoLwesihlanu.

IMbube ihlonishelwe iqhaza layo ekugcinweni kwamasiko nokugqugquzela ububambano ngesikhathi kunomcimbi wokuklomelisa abaholi base-Afrika abanohlonze, i-Africa Achievers Awards.

ISilo siphonsele inselelo amakhosi, abaholi ezinhlakeni ezahlukene kanye nabo bonke abantu ukuba babe yingxenye yombhidlango wokuthuthukisa i-Afrika kanye nomhlaba jikelele.

"Asingabi yisizukulwane esihudula amadolo. Asingabi yisizukulwane esivumela ukubhuqwabhuqwa yindlala. Akufanele sivumele inkohlakalo noqhekeko. Amakhosi awangagcini nje ngokuba amakhosi ngegama. Amakhosi kufanele abambe iqhaza ekuthuthukisweni komnotho, ekugcinweni kokuthula kanye nokugcinwa kwamasiko."

Sithe:"Lena akungagcini nje ngokuba yindondo, kodwa makube yisibani. Sifisa abangasekho ukuba basikhanyisele kulolu hambo esiluhambayo. Sifisa ukuba i-Afrika ithuthuke. Asiqaleni sicathule, siye phambili. Amakhosi ase-Afrka, awase-Europe, izinhlangano zamalungelo abantu kanye nabo bonke abantu abakhona emhlabeni kufanele babambisane ukwakha ikusasa elingcono."

IMbube ithe ukuvunywa kwayo kufanele kuthuthukise abantu abahlwempu.

"Le ndondo akusiyona eyami ngedwa kodwa eyawo wonke umuntu wesifazane othwala amanzi ekhanda. Le ndondo eyawo wonke umfundi ofunda ngekhandlela. Le ndondo eyawo wonke amakhosi alwela umhlaba."

IMbube ithe kuyijabulisile ukunyathela lapho kwanyathela khona okhokho bayo.

"Umlando wethu namaNgisi mude kakhulu. Sahlangana okokuqala ngempi yaseSandlwana ngesikhathi kuphethe iSilo uCetshwayo. Emva kwempi iSilo saboshwa, salethwa lapha. Namhlanje nami ngilapha. Okuhlukile wukuthi mina angiboshiwe, ngize ngesihle."

IMbube ibihamba noNdlunkulu uSihle Mdluli, iphini likandunankulu kaZulu, Inkosi Phathisizwe Chiliza, usihlalo womkhandlu weSilo, Inkosi Zuzifa kaMangosuthu Buthelezi, okhulumela iSilo uMntwana uThulani kaGqikazi Zulu, nabanye.