Izindaba

Kugobe uphondo kwiNgonyama Trust kolwababekhokhishwa imali yokukhonza

Sabelo Nsele|Published

ISILO esabuza uGoodwill Zwelithini

Image: Sigciniwe

LUGOBILE uphondo esikhwameni esigade umhlaba kaZulu, iNgonyama Trust, njengoba sigcine sivumile ukukhokha izigidi zamaRandi, ezaqoqwa kubantu ababekhokhiswa imali yokukhonza ezindaweni zamakhosi.

INgonyama Trust imemezele ukuthi isiluqalile uhlelo lokukhokhela abebekhokhishwa imali yokukhonza.

INgonyama Trust izoqala uhlelo lokukhokha le mali emuva kombango  wasenkantolo owaqala eminyakeni emihlanu eyedlule.

Ngo-2021 iNkantolo eNkulu eMgungundlovu yanquma ukuthi kwakungekho emthethweni ukukhokhiswa kwabantu imali yokukhonza emva kwecala elalifakwe yizinhlangano ezilwela amalungelo abantu, iCouncil for the Advancement of the South African Constitution (Casac) neRural Women's Movement.

IJaji Mjabuliseni Isaac Madondo, layalela iNgonyama Trust ukuba ibuyisele abantu imali yabo.

INgonyama Trust yaludlulisela eNkantolo yamaCala aDlulisiwe udaba, yafike yachithwa nakhona.

Okhulumela iNgonyama Trust, uMnuz Simpiwe Mxakaza, uthe sebeziqalile izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi bayawugcina umyalelo wenkantolo.

"Njengoba inkantolo yathi akukho emthethweni ukuba abantu bakhokhiswe, yayalela ukuba abantu bangabe besakhokhishwa nokuthi abantu babuyiselwe imali yabo, sesiluqalile uhlelo lokukhokha."

UMxakaza uthe abasebenzi beNgonyama Trust bamatasa bazama ukuthola bonke abantu okufanele bakhokhelwe.

"Bonke abantu ababenezivumelwano zokukhokha bayanxuswa ukuba basithinte ukuze sibheke imininingwane yabo, bese beyakhokhelwa uma kuwukuthi ngempela kufanele bakhokhelwe.

"Imali eyaqoqwa yiNgonyama Trust ayikaze igagulwe kodwa kuthiwa iyizigidi zamaRandi.

Kwezinye izindawo kuthiwa abantu babekhokhiswa imali engu-R7 000 ngonyaka.

UMxakaza uthe iminyakeni edlule iNgonyama Trust, yaphuma umkhankaso wokusayinisa abantu abakhe ezindaweni zamakhosi izivumelwano zokwakha ezibizwa ngama-residential leases.

Uthe baningi kakhulu abantu abasayiniswa lezi zivumelwano, wathi bakulo lonke elikaMthaniya.

"Lezi zivumelwano zazenza ukuthi kube lula ukuba abantu bakwazi ukusebenzisa imizi yabo njengezibambiso uma beyoboleka imali emabhange."

Uthe inkinga ababhekene nayo njengamanje ukuthi abanye abantu ababekhokhiswa abasatholakali.

"Kukhona abanye abantu asebashintsha izinombolo zocingo. Sinxusa abantu ukuthi bathintane namahhovisi ethu."

Ngesikhathi kwenzeka lokhu kwakukhona Isilo esabuza uGoodwill Zwelithini.

Khonamanjalo, iNgonyama Trust isanda kuqoka isikhulu esiphezulu esisha esibambile, uMnuz Siyamdumisa Vilakazi.

UVilakazi uyisikhulu sezimali kwiNgonyama Trust, uzoncelisa amawele. Kuqokwe ilungu lebhodi, Inkosi Sibonelo Mkhize, ukuba limcathulise esikhundleni esisha.

UVilakazi uzobamba kulesi sikhundla emva kokushiya kwesikhulu ebesingabhekani neSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, u-Advocate Vela Mngwengwe.

UMngwengwe ushiye ekupheleni kwenyanga edlule.

IMbube ike yakhala kaningi ngoMngwengwe imsola ngokungafuni ukusebenzisana nayo.