Izindaba

Bakhathazekile ngezibalo zokukhulelwa kwezingane ezina-10, nezikhipha izisu eThekwini

sabelo mbatha|Published

IPHINI leMeya kuMasipala weTheku, uNkk Zandile Myeni engqungqutheleni okuvele kuyona isibalo esiphezulu sabafundi abakhulelwe

Image: Phumla Khwela

ABAFUNDI bezikole ezehlukene abebehambele ingqungquthela yokubhunga ngokukhulelwa kwabafundi kuMasipala weTheku kuleli sonto e-ICC

Image: Phumla Khwela

KUKHISHWE izibalo ezishaqisayo zokukhulelwa kwabafundi ezikoleni zaseThekwini, kanjalo nabafundi abakhipha izisu zinyanga zonke.

Ezibalweni eziphume ngesikhathi kunengqungquthela yokubhunga ngesihlava sokukhulelwa kwabafundi besebancane ebiseNkosi Albert Luthuli Convention Centre eThekwini muva nje, kuvele ukuthi esikhathini esiphakathi kuka-Ephreli 2024 no-Ephreli 2025, zingu-7 627 izingane zamantombazane ezikhuleliwe, ezineminyaka ephakathi kuka-10 no-19.

Kulesi sibalo kunezingu-154 eziphakathi kuka-10 no-14 ezikhulelwe. Ulwazi oluvelile luveza nokuthi zibalelwa ku-582 zinyanga zonke izingane ezincane ezivakashela izikhungo zezempilo zomkhandlu ziyokhipha izisu.

UNkk Zandile Myeni, iPhini leMeya kulo masipala, uthe kunesidingo sokuthi kuhlangane izinhlaka ezehlukene ukulwa nalesi sihlava.

Uthe kudingeka kwehliswe izinga lokukhulelwa kwezingane ezisencane.

"Iyasikhathaza eyesihlava sokukhulelwa kwezingane zisencane njengoba kwandisa nesandulela ngculazi iHIV. Lokhu kwengeza nasezibalweni zabalaxaza isikole kwandise nendlala," usho kanje.

Uthe ukukhulelwa kwengane esencane akunamthelela kuphela kumama osemncane kodwa kunomthelela nasenganeni ezozalwa.

"Ziyasikhathaza futhi nezibalo zezingane ezikhipha izisu nyanga zonke ezihambela izikhungo zezempilo zomkhandlu. Ngenyanga zingu-582 ezihambela lezi zikhungo kanti kulezi zibalo azikho ezalezo zingane ezihushula izisu ezindaweni ezingagunyaziwe, ezikwenza esithe," usho kanje. 

Uveze nokuthi kunezikole ezingu-10 ezinesibalo esiphezulu sabafundi abakhulelwe.

"Izindawo ezinesibalo esiphezulu sezikole okukhulelwe kuzona abafundi kusuka ngoJanuwari kulo nyaka kuya kuMashi nonyaka, yiseNanda, KwaMashu, Hammarsdale, KwaDabeka, KwaNyuswa, Tshelimnyama, uMlaza naseChatsworth.

Kule ngqungquthela bekukhona abaphuma emikhakheni ehlukene okubalwa noNdlunkulu kaMdlokombane uMaNdlovu.

UNkk Myeni ubalule uhlelo lokungenelela, iZero Percent Learner Pregnancy Programme, olungaphansi kweDistrict Aids Council olwethulwa eminyakeni emibili edlule. Lolu hlelo uthe luhlomisa abafundi bamantombazane ukuba bangasiyeki isikole luphinde lugqugquzele ukuziphatha kahle kwezocansi. 

 Ngaphansi komthetho wezikole woMnyango wezeMfundo, iBela Act, umfundi okhulelwe akumele akhonjwe indlela esikoleni.

Okunye wukuthi kumele kubikwe abafundi abasebancane abakhulelwe.