ISILILO kudlula omunye wabaholi bophiko lwabesifazane lwe-ANC, uNkk Lungi Mnganga-Gcabashe
Image: Facebook
LUGUTSHUZELWE ifu elimnyama uphiko lwabesifazane lwe-ANC, kulandela ukudlula emhlabeni kwePhini likaMengameli walo, uNkk uLungi Mnganga-Gcabashe.
UNkk Mnganga-Gcabashe ungunkosikazi kaMnuz Sipho Gcabashe owayengunobhala we-ANC KwaZulu-Natal, kanti udlule emhlabeni ngoMgqibelo.
Esitatimendeni, okhulumela i-ANC kuzwelonke, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri uthe ukudlula emhlabeni kukaNkk Mnganga-Gcabashe obeyilungu lesigungu esiphezuli se-ANC, kushiye isikhala esikhulu njengoba ukungena kwakhe kwipolitiki kungabanga ukuthanda kwakhe kodwa kwakuwukuthunywa wumphakathi.
"Ungomunye wabesifazane abahambe kahle, bawuthwala umlilo wobulungiswa. Usebenze kakhulu ukwakha uphiko lwabesifazane belususa phansi. Ukuthi ubese sikhundleni esiphezulu bekungasho lutho kuye," kusho uNkk Bhengu-Motsiri.
Uthe ezikhundleni abenikwe zona okubalwa esikasihlalo wekomiti lePhalamende elibhekele amabhizinisi kahulumeni - adlule emhlabeni esibambile nesikasihlalo wekomiti lezokuvakasha - usebenze ngokuthembeka nokuzikhandla.
"Kule misebenzi ubefuna ukwazi konke okwenzekayo, kungekhona ukufuna ukushayelwa izandla kodwa ukwenza ngcono impilo yabantu," usho kanje.
Uthe ukukhethwa kwakhe kwakamuva njengephini likasihlalo wophiko lwabesifazane be-ANC ngo-2023, kukhomba khona ukuthi ubethenjwa nenhlonipho.
"Umyalezo wakhe ubuhlezi ugxile ethembeni nasekusebenzeleni umphakathi. Unxuse imiphakathi ukuba ingazicekeli phansi izikole, imitholampilo, imitapoyolwazi namahholo, waphinde wasikhumbuza ukuthi lezi izikhali zenkululeko yabantu bethu abayilwela," kuphetha uNkk Bhengu-Motsiri.
Khonamanjalo: I-ANCWL KwaZulu-Natal ichaze uNkk Mnganga-Gcabashe njengomunye wabesifazane osebenze ngokuzikhandla ukulwela inkululeko.
"Ubengafuni udumo noma izikhundla kodwa usebenze kanzima ukulwela abesifazane nomphakathi ukuzwakalisa umzabalazo ngesikhathi esinzima, okuthe ngokukhula emzabalazweni ubuhlakani bakhe kwipolitiki nothando lwakhe kwashiya umsizelo ongenakucishwa," kusho uphiko lwabesifazane KwaZulu-Natal.
Related Topics: