UNINA kaMsizi nomndeni asebethandazela ukuthi okungenani bathole nje ithambo lendodana yabo noma ngabe kuthiwa akasawadli ke anhlamvana.
Image: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS
UKHOMBA ngenjumbane uMbhishobhi webandla laseChibini, kwiSekethe yaseGcuwa ngenjumbane, umndeni wowesilisa owanyamalala kade ebizwe wumholi waleli bandla ukuba ayofundisa amanye amalungu ebhendi yebandla icilongo.
UNkk Ntombi Khoza ukhomba ngenjumbane, umholi waleli bandla, uMbhishobhi uMjekula ngokuthi bazithola bekulesi simo njengomndeni ngenxa yakhe.
Uma elandisa uNkk Khoza uthi kwakungu-2021 ngesikhathi uMbhishobhi Mjekula ecela abantwana abazoyofundisa ibhendi yaleli bandla icilongo. Uthi ngoba kwakucela inhloko yebandla akazange abe nayo inkinga.
Uveze ukuthi indodana yakhe yahamba nomunye umngani wayo igama lakhe okunguSiyanda.
''Kodwa kwathi sekumele abuye umfana wami wangishayela ucingo engitshela ukuthi uMbhishobhi uMjekula uthe angakhululeka uSiyanda kodwa yena ucela ukuba asale angaqale ahambe,''usho kanjena.
Uqhuba athi akazange abe nayo nje nhlobo inkinga ngalokho ngoba wayecabanga ukuthi indodana yakhe isezandleni eziphephile uma ikanye nomholi webandla. ''Nebala yaqhubeka yahlala khona indodana yami,'' kuchaza yena.
Uthi inkinga iqale ngesikhathi inkosikazi kaMjekula isishayela ucingo unina womfana imbuza ukuthi usefikile yini uMsizi ekhaya ngoba usuke eGcuwa ethi uphindela ekhaya KwaZulu-Natal.
''Ngamtshela ukuthi indodana yami ayikafiki ekhaya, ''usho kanjena. Uthi kwathi uma beqhubeka bekhuluma nonkosikazi kaMjekula wathi bona bazi ukuthi usesekhaya njengoba ehambe ebatshele lokho.
Okubakhathaza kakhulu uthi yindlela uMbhishobhi Mjekula adembesela ngayo ngoba akakaze azihluphe nakanye ngokuphinde abuze ukuthi indodana yabo ngabe seyabuya yini ekhaya.
Uthe kuyaxaka ukuthi kungani uMjekula ezithela ngabandayo esimeni okufanele ngabe uyabhukula wenza konke okusemandleni ukuze kutholakale uMsizi.
Uyihlabe wayihlikiza indlela uMjekula aziphethe ngayo uma kukhulunywa ngalolu daba wathi ukhombisa okukhulu ukungabi nandaba lokhu.
''Ngiyazibuza ngiyaziphendula ukuthi umholi onjani ongazihluphi kangaka kube kukhulunywa indaba emayelana nokuduka komuntu. Angiphathike umuntu oduke kade ecelwe nguyena ukuba ezolekelela ibhendi ngecilongo,'' usho kanjena ekhuluma ebuye abhekise ikhanda phansi ehlengezela izinyembezi.
Ngenxa yokuthi bakuqaphela ukuthi uMjekula akakugqizi qakala ukuduka kwendodana yakhe uthi bathumele abanye besilisa ukuba bahambe baze bayofinyelela esakhiweni sebandla ukuyokhuluma kabanzi naye uMjekula mayelana nalolu daba.
Uthi ngampela lokho kwenzeka. Uthi nabo laba besilisa bahamba ekamabuyaze njengoba kungekho okubambekayo uMjekula abatshela khona futhi wakhombisa ukungafuni ukubambisana nabo.
Eqhuba uthe indodana yakhe wagcina ukukhuluma nayo ngomhla ka-18 Disemba 2021 ngesikhathi imazisa ukuthi isiyasuka kubo kwentombi yayo isibuyela esontweni. Uthi bathola futhi ukuthi igcine ibuyelile esontweni.
Isolezwe likhulume nabo laba besilisa nabo ebebekhona egcekeni ngesikhathi lizifikele mathupha eClermont kubo kamfana owaduka.
Laba besilisa bathe basebenzela inhlangano iSenzakahle Youth Development, nakuba bengamalungu ebandla laseChibini bathe kodwa bekhuluma noMjekula abazange bakudalule lokho.
UMnuz Luvuyo Namba uthe ukuhambela kwabo eGcuwa akuzange kubasize ngalutho njengoba bekhala ngokuthi babona umholi ongenandaba nokuthi kwenzekeni kangangoba kukhona izikhawu lapho ayemane akhushukelwe khona wumoya kubonakale nje ukuthi usho ukubadla luhlaza.
''Ngesikhathi sesifikile khona uMjekula wabiza ikomiti lebandla lakhe ukuba lizomlalelisa lokhu okukhulunywayo. Maphakathi nengxoxo sakuqaphela ukuthi inkulumo ayihlangani njengoba wayephika izinto eziningi,'' usho kanjena.
Uqhube wathi uMjekula wabatshela ukuthi indodana bayigcina ithi iphindela emuva ekhaya KwaZulu- Natal. Wabatshela ukuthi bahamba bayolubika udaba emaphoyiseni kodwa icala langavulwa.
Lokhu uthi kwabashiya nenqwaba yemibuzo ngoba yibona abaze basuka KwaZulu-Natal bafike bavula icala lokuduka komuntu esiteshini samaphoyisa saseMsobomvu.
Uveze ukuthi ngesikhathi besendlini kaMjekula kwafika amaphoyisa amphonsa imibuzo embalwa kwaze kwaba khona elinye iphoyisa elatshela uMjekula ukuthi akusikhona okokuqala kuba nezimo ezingezinhle ezibikwayo ngebandla.
Uthe leli phoyisa lamtshela emehlweni uMjekula ukuthi umuntu owayedukile watholakala ezilengise ehlathini elibude buduze nesakhiwo sebandla, omunye watholakala kuthiwa ushayiswe yimoto washona.
Uveze ukuthi ngesikhathi beseGcuwa kulezo zinsuku babehla benyuka bebheka uMsizi kodwa kwanhlanga zimuka nomoya lutho umkhondo kwala noma bekhombisa abantu isithombe sakhe kodwa bonke babelandula kodwa bevuma ukuthi bayamazi.
ISolezwe likhulume naye uMjekula wavuma ukuthi uyalwazi udaba lokuduka kukaMsizi. Wathi abalali bayakhuleka mihla namalanga ukuba uNkulunkulu enze umusa atholakale.
''Siyambeka njalo emkhulekweni ukuba makatholakale ngoba lokhu siyazi ukuthi kumqoka kangakanani nasemndenini wakhe,''echaza.
Uthe akazi ukuthi bachaza ukuthini abomndebni kaMsizi uma bethi ukhombisa ukungabi nandaba nokuduka kwakhe. Uphendule ngokuthi yena usekhulile ngokweminyaka engeke aze akwazi ukuthi aphilele ukubheka uMsizi nsuku zonke.
Ebuzwa ukuthi ngabe uMsizi wayishiya yini ifoni ngesikhathi esegoduka eya KwaZulu Natal uthe akasakhumbuli.
Intatheli imtshelile ukuthi abesilisa abebeze kuyena baveze ukuthi yena uMjekula waveza ukuthi ifoni isisetshenziswa yindodana yakhe, uphendule ngokuthi akasazi kahle ngeke esakhumbula yonke into ngoba usemdala kakhulu ngokweminyaka.
Intatheli ayizange ilibalule igama lendodana kaMjekula okuthiwa yiyona eyayisebenzisa ifoni kaMsizi, kodwa uMjekula gwiqiqi ugcine esethi : "Kwayena ke loyo mfana othi wayesebenbzisa ifoni kaMsizi akasekho emhlabeni ushone ngonyaka owedlule.'''
Kuthe uma intatheli imbuza ukuthi wazi ngani ukuthi kukhulunywa ngayiphi indodana waphendula ngokuthi akathandi ukugxila entweni yezingane ngoba akukuningi akwaziyo ngazo.