Isidumbu
Image: Boxer Ngwenya
USEVULE icala futhi uvutha engabaselwe owesilisa waseShowe, othi uvulelwe ngumfowabo angamethembi umshwalense wesigidi samarandi engazi.
UMnuz Nhlakanipho Mthethwa (54) uthe usekhethe ukuba amane amvulele icala umfowabo ngesenzo sakhe athi simnengile kakhulu futhi simshiye nemidlinzo.
Uma elandisa, uveza ukuthi lo mshwalense uvulwe kwa-Old Mutual ngoMeyi 2024.
Isolezwe linayo ikhophi yase-Old Mutual eveza ukuthi ngempela lo mshwalense uvuliwe. UMthethwa uthe uthole ngalokhu ngesikhathi eye egatsheni lakwa-Old Mutual, kukhona ayokwenza kanti uzozithela kule mpicabadala yensumansumane.
“Osebenza khona kwathi uma ebona izinto zami wase eyangibuza ukuthi ngiyazi yini ngomshwalense wesigidi samarandi ovulwe egameni lami? Ngamtshela ukuthi kangazi. Uvele wanginikeza amaphepha avezayo nokuthi uvulwe ngumfowethu.”
Uthe noma ehamba usethuka izanya ngoba uyazi ukuthi kunomuntu okubheke ngabomvu ukuhlomula ngezindodla zemali uma kwenzeka yena edlula emhlabeni.
“'Angikaze ngizihluphe nangokumbuza ngoba saxabana kudala naye eqala eveza ukuthi ungumuntu onjani. Akanalo nje ulwazi lokuthi ngiyazi ngomshwalense angivulele wona,” usho kanjena.
UMthethwa uthe isenzo simcabangise izinto eziningi kakhulu ngoba uyamazi umfowabo ukuthi uyiluphi uhlobo lukapende.
“Uyabona mfowethu, lo muntu wafa ngo-2015 wavuka ngo-2023,'' echaza ebheke phansi enikina nekhanda.
Ecelwa ukuba acacise kabanzi ngalokhu, wenze izinsolo zokuthi umfowabo wenza umkhonyovu wafaka amaphepha okuthi ushonile ukuze umkakhe wangaleso sikhathi, Isolezwe elinalo igama lakhe, khona ezothola isamba esithile semali ''ngokushona'' kwakhe.
Isolezwe linawo amaphepha aveza lo wesifazane njengomfelokazi aqinisekisa ukufa komyeni.
''Uyabona-ke ukuthi lapha sibhekene noxamu kavinjelwa? Uyinkinga umfowethu, usebenzisana nenqwaba yabantu abasezikhundleni ezihlukene yingakho ekwazi ukuganga kangaka nje,” usho kanjena.
Eqhuba uthe bona bewumndeni babengazi ukuthi umfowabo wakhetha ''ukuzibulala'' ukuze kukhokhe umshwalense kodwa indaba yabhadlazwa ngunina ngaphambi kokuba adlule emhlabeni.
“Ngaphambi kokuba umama adlule emhlabeni wabiza mina nomunye umfowethu wasitshela wathi ‘umfowenu akasekho emhlabeni nimbona nje’. Wathi uma sekwenzekena eshona okwangempela siyozibonela thina ukuthi simngcwaba kanjani ungumuntu okade ashona. Umama akazange asitshele ukuthi lokhu wakuthola kanjani,” echaza.
Uthe umfowabo esevukile ngo-2023, wafika kubona eShowe ezobachomela ukuthi usevukile kwabafileyo, useqale phansi wathola nomazisi omusha uzokwazi ukuthi “enze izinto zenzeke”.
“Wenza konke lokhu nje, uhlala eThekwini. Ngesikhathi esazisa ngokuvuka kwakhe waze wafika ekhaya wasipha u-R10 000, ethi unemali eningi,” echaza.
Ingwadla ekhona manje akhala ngayo kakhulu uMthethwa ukuthi kunomunye umfowabo owenzelwa yilo mfowabo amaphepha okuthi akasekho emhlabeni, enzela khona njalo ukuba athole imali yomshwalense. Nalawo maphepha futhi Isolezwe liwabonile.
Amaphepha aveza ukuthi umufi washona wase eyolala emakhazeni aseThekwini. Aqhuba aveza ukuthi isidumbu sathathwa sayofihlwa e-Eastern Cape.
Lokhu uMthethwa uthe kuyindida ngoba phela kukhona umuntu owayesemakhazeni futhi okwakhishwa isidumbu sakhe sayongcwatshwa. Uthe umbuzo omkhulu ukuthi ngesikani leso sidumbu?
''Ubani lo owabizwa ngegama likamfowethu walaliswa emakhazeni? Akusiyena umuntu ongaziwa kodwa abambulala? Sizani nakhu umuntu wasekhaya egila izimanga sibhekile!”
Uveze ukuthi nokho lo mshwalense ugcine ungakhokhanga ngoba kwatholakala ukuthi usadla anhlamvana lo muntu okubhaliswe ngaye igama lesidumbu esafihlwa e-Eastern Cape.
Eqhubeka udalule igama likamfowabo omncane, uMnuz Samkelo Mthethwa, athe wadutshulwa ngabantu abangaziwa eMlaza ngo-2023. Uthe ngesikhathi ebulawa umfowabo wayengumuntu owayeyohlangana nesihlobo.
“Kwathi esefihlwa umufi, umfowethu wasitshela ukuthi umufi ubekade emthathele umshwalense ngakho asikhululeke, uzozithwala izindleko zomngcwabo.”
Uthe umfowabo kuthiwa wadutshulwa ngamadoda angaziwa ehla emotweni eyiPolo, waphelela khona lapho.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uSergeant Thenjiswa Ngcobo, ukuqinisekisile ukuthi kunowesilisa ovule icala lokukhwabanisa esiteshini samaphoyisa eMpangeni.
''Lona wesilisa uvule leli cala ngemuva kokuba kunesihlobo sakhe athola ukuthi simthathele umshwalense ngaphandle kokumazisa,” echaza.