YINGOZI yodwa ebantwini abakhe imijondolo phezu kwewa eSpringfield, eThekwini
Image: Doctor Ngcobo/Independent Newspapers
UKUSWELA imisebenzi kubenza bagcine sebephila impilo yabo engcupheni abahlali basemijondolo eyakhiwe eweni elingaku-Alpine Road, Springfield, eThekwini.
Isolezwe lihambele kule ndawo izolo, lafike laxoxa nabahlali abadalule uxhaxha lwezinkinga ababhekene nazo kodwa base bethi bancamela ukubeka impilo yabo engcupheni ngoba befuna ukuguqula isimo.
UMnuz Mlungisi Chiliza waseMkhomazi ngokuzalwa, uveze ukuthi sekuphele iminyaka eyisithupha ehlezi kule ndawo. Uchaze le ndawo njengegubazelwe wusizi olungapheli.
''Akukho okuhamba kahle kule ndawo. Simane sihlezi nje phela ngoba akukho lapho esingaya khona. Kubi mfowethu, siswele imisebenzi ukuze nathi sithole imiqasho engcono kunalena esizithola sihlezi kuyona njengamanje,” usho kanjena.
Eqhulwini ubalise ngokuthi bafake ugesi wezinyokanyoka, athe sewuke wakhipha izidumbu amahlandla amaningana.
''Uyabona nje, kunengane encane elinyazwe yiwona lo gesi ngonyaka owedlule. Kukhona nomunye futhi naye owalinyazwa yiwona ngawo unyaka owedlule. Lesi simo sinzima kakhulu,” usho kanjena.
Uthe ulapha eThekwini ngoba esondelela amathuba omsebenzi, wathi kodwa kuyabhimba kwesinye isikhathi kuye kwenzeke balale bengadlile. Uthe akakholwa ukuthi kukhona abantu abaphila lolu hlobo lwempilo abayiphilayo.
UNksz Thobekile Mthembu omunye umhlali, uthe sekuphele iminyaka emine egcwele eqube kule ndawo. Uthe kuyona uhlala nosana nomunye umntwana oneminyeka engu-10.
“Kumele njalo ngihlale ngiqaphile ukuthi lo oneminyaka engu-10 akaphumeli phandle yedwa ngoba uma kungenzeka iphutha elincane nje, ngingamthola esephonseke eweni. Ibuhlungu kakhulu le mpilo esizithola sibhekene nayo lapha,” usho kanjena.
Naye ubalise ngengwadla yokuntuleka kwamathuba omsebenzi, wathi yiwona mnyombo odala ukuthi baqhubeke nokuhlala kule ndawo phezu kokuba bebona ukuthi impela indawo kayiphephile nje nhlobo.
UMnuz Senzo Mncwabe uthe sekuphele iminyaka emine naye ehlala kule ndawo. Uthe uphila ngokutohoza isikhashana lapho asuke ebizwe khona. Ubalise ngokuthi kuningi okubuhlungu abakubona kwenzeka endaweni abakuyo.
Phakathi kokunye, uthe kukhona nabantu abaphukayo balimale kanzima ngenxa yobubi bendawo.
“'Kukhona nje osanda kuphuka umlenze kulesi siwa ngenxa nje yendawo esihlala kuyona. Kubi kakhulu. Sifisa ukuthola usizo oluphuthumayo uma kungenzeka,” usho kanjena.
UMnuz Kwanele Nsundwane ongowaseLusikisiki, e-Eastern Cape, uthe sekuphele iminyaka ecuphe kule ndawo. Uqale ngokubalisa ngezinga eliphezulu lokushisa athe likhona ngaphakathi emijondolo.
“Kubi, angikaze ngikuzwe ukushisa okunjena mina empilweni yami. Umuntu kuhle nje alivume iqiniso, akuyona indawo engaphila abantu lena kodwa umuntu umane uyabekezela nje ngenxa yosizi lokuswela imisebenzi. Akekho umuntu osebenza kahle ongavuma ukuhlala endaweni enjengalena,” usho kanjena kucweba izinyembezi.
Ubalise kakhulu nangezindlu zangasese, wathi azikho nje nhlobo esimweni esifanele ukuthi zingasetshenziswa abantu.
“Kubuhlungu kakhulu ukuphila endaweni enezindlu zangasese zalolu hlobo. Lena yimpilo engeke iphilwe nayisilwane lesi sasehlane,” echaza ekhulumela phansi.
Utshele Isolezwe ukuthi bayafisa ukuthi bathole usizo oluphuthumayo kule nkinga abazithola bebhekene nayo.
“Bhala bhuti utshele abantu ukuthi siyahlupheka, silala singadlile futhi siswele imisebenzi,” esho enikina ikhanda ebheka phansi.
Udalule nokuthi babhekene nenkinga yamanzi njengoba bewathola endaweni ebuqamama. Uthe kunzima nokuwathutha njengoba abanye behlale endaweni etshekile okungahambeki kalula kuyona.
Bakhale nangokuthi akukho ukuthula kule ndawo njengoba kuba nabantu abalwayo njalo uma sebephuzile baze balimazane bodwa.
Bakholwa nawukuthi izakhiwo zabo kazisaphephile nje nhlobo ngoba sezindala kakhulu. Bathe ngeke bamangele uma ngelinye ilanga kunomoya omkhulu, kungathiwa zidilikile kwase kwalimala kabi abantu abaningi, badalula nokuthi balinganiselwa ku-500 sebebonke abantu abahlala kule mijondolo. Basikaze ukuthi abasebenzayo balinganiselwa ku-100 nje kuphela. Okudala ukuthi baphile, uthe yikhona ukuthi ongenakho ukudla uyanana komunye.
Bathe balala obenyoni ikakhulukazi uma kunemvula enkulu ngoba bayazi ukuthi bangahamba noma yinini emhlabeni. Baveze nokuthi ngo-2021, le mijondolo yake yasha yaphela kodwa baqala phansi bayakha ngoba kungekho okunye abangakwenza.
Esikhulume nabo batshele Isolezwe ukuthi njengoba bekhuluma nalo nje, abadlile esiswini base becela ukuthi iphele ingxoxo ngoba bekhala ngokuthi sekozobumbana ihora lokuqala emini okuyisikhathi abadingeka ngaso kwenye indawo lapho abaphiwa khona izinkwa nsuku zonke.
Baveze nokuthi kunenkampani esizame kaningi ukubasusa kule ndawo yayo kodwa bayenqaba ukusuka ngoba nabo kabazi ukuthi uma kungathiwa bayasuka bangabheka kuziphi izinkalo.
Isimo esificwe yiSolezwe lapha siveza usizi olunakashele abantu eNingizimu Afrika. Ukuba woqhibukhowe kwemijondolo eThekwini, yinto engasathusi. Kukhona nesibike ngayo ngonyaka odlule eyakhiwe phezu kwendawo engamathuna asavalwa. Kwezinye izindawo, abahlali bathwala kanzima uma like lana ngenxa yodaka. Cishe bonke abantu abaqube emijondolo, basho into eyodwa yokuthi bazohlwaya amathuba angcono ngoba baxoshwa yinkemane ezindaweni eziqhelelene namadolobha amakhulu.
Abasemagunyeni bahlale bethembisa ukuguqula isimo kepha kubukeka bethembisa into engekho nabahlulekayo wukuyilawula ngoba bathi bekhipha abanye emijondolo kube kusala kungena abanye.