Izindaba

INissan idayisele iChery SA ifemu yayo ePitoli

Fanelesibonge Bengu|Published

INissan idayisele iChery SA ifemu yayo ePitoli

Image: Sithunyelwe

INissan iqede ukuqagela ngekusasa lefemu yayo eseRossyln ePitoli imemezela ukuthi isiyidayisele iChery South Africa. 

Le femu ikhiqiza iveni iNavara. 

INissan ithe ngokwesivumelwano, abebenzi abaningi bazonikezwa umsebenzi kwaChery ngemigomo efanayo nabasebenza ngayo. 

Isikhulu sakwaNissan Africa uJordi Vila sithe bese kunesikhathi befuna isisombululo esizovuna abasebenzi, amakhasimende nababambisene nabo. 

“Ngalesi sivumelwano siyakwazi ukugcina imisebenzi yabasebenzi abaningi kanjalo namathuba kwabasihlinzeka ngamaphathi. Leli gxathu liqinisekisa ukuthi indawo yaseRosslyn iyaqhubeka nokufaka isandla embonini yezimoto eNingizimu Afrika.”

INissan ithe izoqhubeka nokudayisa izimoto kuleli futhi izokwethula ezintsha nonyaka okubalwa kuzo iTekton nePatrol. 

Ngonyaka odlule iNissan yaveza ukuthi izovala amafemu ayisikhombisa emhlabeni jikelele eminyakeni emibili ezayo ngenxa yokuzama ukunciphisa izindleko.