Izindaba

Owakhula ehlala emgwaqweni ukhipha imifundaze

Nkosikhona Cele|Published

UMSUNGULI weMEYO uDkt Thobani Makhaza ekanye noNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli ngemuva komhlangano wabo ngezemfundo

Image: SITHUNYELWE

KUKHUTHAZWA abafisa ukufunda emkhakheni wezobunjiniyela kepha abangenawo amandla ngokwezezimali, ukuba bafake izicelo zokuxhaswa ngemifundaze.

Leli khwelo lihlatshwe ngusomabhizinisi, uDkt Thobani Makhaza, emva kokuba ehlangane noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, kuleli sonto.

UMakhaza, weMind Empowers Youth Organisation (Meyo) okuyinhlangano etakula abafundi ngemifundaze, uthe bazosiza abafuna ukwenza i-Electrical, Civil neChemical Engineering. Uthe uxhaso lwabo lugxile kakhulu kubafundi abanentshisekelo yokuqhuba izifundo ezikhungweni zamakhono.

Ephawula ngomhlangano wakhe noNdunankulu uNtuli, uMakhaza uthe ubone kumqoka ukuba babe nomhlangano ngenhloso yokubhunga kabanzi ngodaba lokulekelelwa kwabafundi  abantulayo ngemifundazwe.

''Siyabonga ukuthi uhambe kahle kakhulu umhlangano esibe nawo nondunankulu. Bekumqoka  ukuba sihlangane naye sibhunge ngezinto ezahlukene ezithinta ezemfundo KwaZulu-Natal,” kuchaza uMakhaza.

Uveze ukuthi inhlosongqangi yeMeyo wukuqinisekisa ukuthi bayakuthola ukusizakala abafundi abasuke bephumelele u-matric. 

''Ngiwumuntu okholelwayo kakhulu ekufezekisweni kwamaphupho abantu abasha. Yingakho nje sakhetha ukuba sisungule lolu hlelo lokulekelela abafundi ngemifundaze ezikhungweni zemfundo ephakeme,” kusho uMakhaza ophinde abe yisikhulu esiphezulu enkampanini, iZomaster Family Construction, ne-Africa Proud Traditional Attire.

Uthe njengoba ake ahlala emgwaqweni, kuyisifiso sakhe ukufaka igxalaba ngenhloso yokulekelela abafundi abantulayo.

''Akufanele abafundi bazithole bebhekene nenkinga yokuthi kabazi bazoziqhuba ngani izifundo zabo ngenxa nje yokuthi abanayo imali.”

Unxuse bonke abafundi abanentshisekelo yokuqhuba izifundo zabo ukuba bangazitheli ngabandayo kodwa kunalokho babhukule bafake izicelo kule nhlangano. Uthe izicelo kuyimanje zivuliwe, wathi abakhethile noma ngubani ongaphakathi kwemingcele yaseNingizimu Afrika angasifaka isicelo soxhaso.

Uveze ukuthi amahhovisi abo atholakala kuSmith Street eThekwini kanti abafuna usizo bangathumela imininingwane yabo egcwele ngeWhatsApp ku: 063 530 0667.