Izindaba

Likhombe inyanga ithwasa libanjwa nenqwaba yamadilozi

Nkosikhona Cele|Published

OWESILISA (asifihle ubuso) obanjwe oqotsheni ethatha ngozwane amadilozi kwagcina kuvela le mfumba ephambi kwakhe ayikhiphe emzini wenyanga eNanda

Image: SITHUNYELWE

UMUNWE liwukhombe enyangeni yasendaweni ithwasa elibanjwe oqotsheni leba amaphenti kulayini eMnhlonhlweni, eNanda, ngoLwesithathu emini.

Leli thwasa Isolezwe elinalo igama lalo, kuvela ukuthi ngoLwesithathu, bese lizifikele qathatha komunye umuzi lizokweba amaphenti kulayini kanti ngeshwa lalo lizobhadanywa ngabesifazane bakuloyo muzi.

Kuthiwa kuthe uma belibhadama base bebiza umphakathi, olithembise ukuthi uma lingawakhombi amanye amaphenti ukuthi akuphi - njengoba bese kunesikhathi elahleka - lizowukhonza umuzi onotshwala. Kuthiwa abesilisa bendawo bebevutha bengabaselwe, bewafuna amaphenti abantu babo.

IMFUMBA yamaphenti akhishwe owesilisa okuthiwa uyithwasa emzini wenyanga ngoLwesithathu

Image: SITHUNYELWE

Kuthiwa ithwasa alichithanga sikhathi, libe selicela ukuba umphakathi ulilandele laze layofika komunye umuzi okukholakala ukuthi ngowenyanga eyaziwayo kodwa ebingekho. Isibongo senyanga Isolezwe linaso, kuthiwa isatshiswa okwenyoka kule ndawo.

Kuthe uma lifika emagcekeni ithwasa langena ngaphakathi endlini, lase liphuma noplastiki abakhulu abathathu abamnyama okuyilapho ebelitatulila khona inqwaba yamaphenti kubuka bonke abantu besifazane. Abeyizinhlobo ezehlukene.

Kwi-video ethunyelelwe Isolezwe ngesigameko, kunabesifazane ebebememeza besawabona amaphenti abo, bebabaza ukuthi kanti abelokhu eduka nje abethuthelwa emzini wenyanga.

Kuvela kwi-video ithwasa limi phambi kwabesifazane bepetulula inqwaba yamaphenti bewabheka. Kukhona otatululayo bese kuba khona awathathayo awafake kuplastiki omncane awugodle ngengalo okukholakala ukuthi ngawakhe. Kuzwakala omunye ememeza ethi bonke abalahlekelwe amaphenti eDube Village, abaze bazocinga.

Bebelibuza ithwasa ukuthi lingubani igama nesibongo, liyalisho ebese liyankwankwaza uma laba besifazane sebelibuza isibongo salo. 

Ezindaweni eziyizakhiwo njengaseNanda, izinto zangaphansi azinekwa ezindlini kepha zikhishelwa phandle ukuze zitholwe yilanga nomoya.

Omunye wesifazane okhulume neSolezwe, uNksz Zandile Mngoma, uthe bese kuphele isikhathi eside kakhulu bephila nale nkinga yokwebiwa kwamaphenti abo enekiwe kulayini.

UNksz Mngoma uthe: ''Mina nje sengithathelwe amaphenti angaphezuliu kuka-10 kulayini. Bengizibuza nje ukuthi ngubani lona owenza into embi kangaka kanti kunomuntu nje osebenzisana nenyanga ukuthi enze le nto.”

Uthe basale bekhungathekile uma bebona ukuthi kanti le nto ibandakanya ithwasa nenyanga. 

Omunye, uNksz Zama Khumalo, uthe bese kuphela isikhathi eside kakhulu bephila nale nkinga.

''Angisazi nokwazi ukuthi mangakhi amaphenti ami aduke ngiwanekile. Kodwa kuyacaca ukuthi bayazi bona ukuthi kungani bebewathatha. Okusixaka kakhulu ukuthi kungani bewagcinile noma kukhona abawagcinela khona, impela asazi, yibona kuphela abaziyo ukuthi bawenzani amaphenti,'' echaza.

UNksz Slindile Mbanjwa uthe naye sebemqedile bemthathela amaphenti kulayini. Uthe ubehlale njalo ezibuza ukuthi ngubani lo owathathayo uma ewanekile kulayini kodwa engabi nazo izimpendulo zalokho.

''Manje kodwa sesiyazi ukuthi lapha endaweni siphila nabantu abayingozi kangakanani abamane babone kukuhle ukuthi bebe amaphenti abantu besifazane ngenhloso yokuthi bafezekise izinhloso zabo,'' usho kanjena.

Kunomunye wesifazane wakuyona le ndawo ocele ukuba maligodlwe igama lakhe, odalule ukuthi selokhu kwebiwa iphenti lakhe lokuqala ngonyaka owedlule, unenkinga yokopha engaqedi. 

''Ngizizwa ngifikelwa usizi olukhulu kabi uma ngibona ukuthi kanti umuntu usenkingeni engaka nje kungenxa yabantu besilisa abahlangene, ababona ukuthi abantu besifazane bangamane benziwe noma yino nje,” usho kanjena.

Omunye, uNksz Nonhlanhla Khumalo, uthe naye unenkinga efanayo njengoba selokhu kwebiwa iphenti lakhe, usengena kabili ezinsukwini zakhe ngenyanga. 

''Lokhu ngaphuza ukukuqaphela. Empeleni nje ngaze ngatshelwa omunye umthandazi engangiye kuyena ukuthi indaba yonakala ngokwebiwa kwephenti lami kulayini, engitshela into vele nami engiyaziyo,” echaza.

Omunye wesifazane utshele Isolezwe ukuthi akazange achithe sikhathi ngesikhathi efica amaphenti akhe engekho kulayini, wavele wanikela kubo kwayo inyanga, wafika wawathola ngoba vele kwase kukhona amahebezi okuthi le nyanga yiyona ethuma abantu ukuba bathathe amaphenti uma enekiwe kolayini.

''Ngampela futhi ngawacela banginikeza ngase ngiyahamba, akekho owangilwisa,” usho kanjena.

Abesifazane bazwakale kwi-video bethi ngeke bawabikele amaphoyisa ngalolu daba ngoba umsolwa ubukeka ewumuntu odidekile.

Ngokwezempilo, kuthiwa kunesimo sabesilisa abathola injabulo yezocansi ngokubuka izinto zangaphansi zabesifazane. Kuthiwa abanye abanalesi simo bagcina sebezintshontsha uma zinekiwe ngoba besaba ukuzithenga ezitolo futhi basuke befuna esezike zasetshenziswa. 

KUTHIWA bese kuphele isikhathi eside kulahleka amaphenti uma enekiwe eNanda. Kubanjwe owesilisa ewantshontsha ngoLwesithathu, wagcina ekhiphe inqwaba yawo emzini wenyanga

Image: SITHUNYELWE